UTHANDO lwempilo yesintu luholele ekutheni angene emkhakheni wokuthwebula izithombe ezixoxa ngemvelaphi yabantu abamnyama.
UNksz Mandisa Buthelezi (32) waseMlaza, ongumthwebuli wezithombe ezikhombisa ukunotha kwamasiko esintu ikakhulu awamaZulu. Kule nyanga unombukiso wezithombe zakhe yedwa ozophela ngoNovemba 26, obizwa ngokuthi iseMgonqweni, e-The Chairman Gallery, eThekwini.
"Bengisemkhakheni wokwakha. Abantu ebengisebenza nabo bekuba ngabantu basemakhaya abahlale bekhuluma ngesiko nempilo yasemakhaya. Ngazizwa ngiba nothando ngoba nakuba ezinye izinto ngangizazi, ulwazi lwami lwalungajulile. Into engayibona iseduze ukuthi ngifunde ukuthwebula izithombe ukuze ngikwazi ukushutha izinto ezikhombisa isiko," kuchaza uNksz Buthelezi.
Uqhube wathi ukushutha imishado nemicimbi yesintu enjengomemulo, imigidi neminye kumenze wafunda kabanzi ngamasiko.
"Abantu abaningi abangamakhasimende ami bebejwayele ukuba nomshado omhlophe owenzelwa edolobheni bese beya emakhaya bayokwenza umshado wesintu, yilapho ngifunde khona okuningi. Uma ushutha umshado uba nesikhathi sokubuka indawo, ukhulume nabantu. Indaba yokugonqa iyona eyangithatha ngoba mina bengazi ukuthi umgonqo wenziwa yintombi uma izokwenzelwa umhlonyane noma izokwemula.
“Ngesikhathi ngihambela ezindaweni zasemakhaya ngithole ukuthi ingoduso uma izoshada iyagonqa ngoba isuke isizongena esigabeni esisha sokuba ngumakoti. Ithwasa uma selizokhishwa libe yisangoma liyagonqa liyalwe ngabayazi kangcono indlela elizoyithath. Owesifazane oshonelwe yindoda uyagonqa uma esethole ukuthi umyeni wakhe ushonile ngoba usuke esengena esigabeni esisha sokuba ngumfelokazi. Ezindaweni lapho abafana bekhuliswa khona nabo bayagonqa ngoba basuke sebephuma esigabeni sokuba ngabafana, sebengena esigabeni esilandelayo. Inkosi uma izobekwa nayo iyagonqa lokhu kwangenza ngabona ukuthi umgonqo uyinto ebalulekile," kuchaza uNksz Buthelezi.
Uqhube wathi umbukiso uwuqambe ngokuthi isemgonqweni ngoba efuna ukuthi uma umuntu ewuhambele abe nesikhathi sokudlinza, afunde. Wathi embukisweni kunezithombe aqale ukuzithwebula kusukela ngo-2014.
"Umgonqo kimina uchaza ukudlinza ungaphazanyiswa yizinto ezingaphandle. Ngalo mbukiso ngifuna umuntu ongene kuwo azizwe esendaweni eyenza ukuthi adlize azifune kabusha. Okunye engikwenzele lo mbukiso ukudayisa izithombe zami ezikhungweni ezifana namanyuvesi ukuze zithenge izithombe zami. Ukushutha izithombe kunemikhakha eminingi mina ngigxile ekushutheni isiko nempilo yasemakhaya. Kusukela uvuliwe umbukiso ayikho imali eningi engiyizuzile ngokuthengwa kwezithombe kodwa baningi abantu abancoma umsebenzi wami," kulandisa uNksz Buthelezi.
Embukisweni kunezithombe ezikhombisa indlela yokugqoka kwabesifazane, abesilisa, imfuyo, izindlu zasemakhaya okubalwa iqhugwane, urawondi nokunye.
Uthe uxhaswe uMnyango wezemiDlalo ngokukhokhela abanikazi bendawo akhangise kuyo, ukuphanyekwa komsebenzi wakhe nokuphendwa ngendlela efanele.
“Ngike ngaba yingxenye yemibukiso ebihlelwe ngabanye abantu kuleli nasemazweni aphesheya kodwa ngiyaqala ukwenza umbukiso wami kuphela. Ngijabule kakhulu ngoba kusho ukukhula kwekhono lami,” kubeka umthebuli wezithombe.
Uke waba yingxenye yombukiso i-Anomalis ebiseSemaphore Gallery of African Contemporaly Art, eSwitzerland ngo-2017, Amandla! South African Women’s Photographers ngo-2016, eChina.