SIYAKHULA isibalo sabesifazane abangena embonini yokukhiqiza iwayini.
UNksz Siwela Sweetness Masoga (29) waseLimpopo, ungomunye wabesifazane bakuleli asebenenkampani ekhiqiza iwayini. Phambilini le mboni ibiyaziwa ngokuthi ngeyabamhlophe kodwa abamnyama sebengenisile kuyona.
UNksz Masoga uthe uvule iSiwela Wines Academy, ngenhloso yokuvala igebe elikhona lokushoda kwabamnyama kule mboni.
Uthe ufuna ukufukula abesifazane abanesifiso sokufunda kabanzi ngebhizinisi lokukhiqiza iwayini.
UNksz Masoga ongumsunguli futhi ongumqondisi eSiwela Wines, ulandise kabanzi ngothando olwamholela ekutheni angene kulo mkhakha aze asungule inkampani ngo-2018.
“Ukufundela kwami izifundo zeBiotechnology eCape Peninsula University of Technology yikhona okwangenza ngaba nothando lokusebenza ngotshwala. Noma ngakhula ngingazi lutho ngokwenza iwayini kodwa ukufunda yikhona okwangisiza,” kuchaza uNksz Masoga.
Ubeke kanje: “Ukusebenza kwami njengeMicrobiologist iminyaka eyisikhombisa ezinkampanini ezihlukene eStellenbosch, yikhona lapho lwaqala khona uthando lwami lokungena embonini yokwenza utshwala. Ithuba engalithola ngalibamba ngezandla zombili ngaqhubeka nephupho lami. Noma kwakungelula ekuqaleni ngoba konke kwakubheke mina, kodwa ngasebenzisa imali yami yokugcina ngaboleka nakumama wami.”
Uthe akulula ukuthola uxhaso ezinkampanini ezinkulu nasemabhange uma ungosomabhizinisi osakhula. Uthe isekhona intuba kosomabhizinisi abancane abanesifiso sokungena embonini yewayini kodwa kumele abantu bazi ukuthi akwenzeki ngokushesha ukuthi uphumelele.
“Kumele ubekezele futhi usebenze ngokuzikhandla. ISiwela Wines Academy iqashe abantu abahlanu, abaningi abesifazane. Ihlose ukuba yinkampani enkulu eyaziwayo eNingizimu Afrika nasemhlabeni wonke ngemikhiqizo yethu ekhethelekile.”
Zisembalwa izindawo ongathola khona umkhiqizo weSiwela Wines.
“Kuyo yonke intsha kakhulukazi abesifazane abafisa ukuqala ibhizinisi, ngingabacebisa ngokuthi benze ucwaningo olujulile ngomkhakha abafuna ukungena kuwona. Baxhumane nabantu abangabalekelela. Kumele bazi ukuthi kwezamabhizinisi kuyabekezelwa futhi akujahwa,” kusho uNksz Masoga.
Uphethe ngokuthi ukuhlasela kweCovid-19 kulilimazile ibhizinisi lakhe njengoba engusomabhizinisi osafufusa wathi beziningi izinhlelo abenazo zokumakhetha umkhiqizo wakhe eNingizimu Afrika.
Abafisa ukuthenga umkhiqizo noma ukuxhumana neSiwela Wines bangaya ku:www.siwelawines.co.za .