NQOBILE MASIMULA
INTANDOKAZI yomsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela, ezophatha uhlelo emcimbini weSolezwe, ithi isimagange ukuthi lufike usuku lomcimbi futhi ayingabazi ukuthi kuzoba mnandi.
Lo mcimbi wabesifazane obhekwe ngabomvu, Intandokazi Women's Club, ozoba ngo-Agasti 27 ePremier Hotel eMhlanga.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto uZimdollar uthe kuyintokozo ukuthi amenywe emcimbini oyingqophamlando futhi owasungulwa eminyakeni ewu-20 edlule. Uthi uyazithandela imigubho okusuke kuhlangene khona imbokodo.
“Noma yikuphi lapho kusuke kuhlangene abesifazane awukaze uhambe ulambatha. Kuningi esifundisana kona uma sindawonye,” kubeka umsakazi.
Intandokazi izohlanganisa nomgubho weSolezwe wokuqeda iminyaka engu-20 lasungulwa ngo-2002.
Ngosuku lomcimbi kulindeleke ukuthi kunandise uDumi Mkokstad kanti isikhulumi sosuku ngu-Adv Zandile Mshololo. Uzidonsele amehlo abaningi ecaleni lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa, eliqhubekayo eNkantolo ePhakeme eNorth Gauteng, ePitoli.
Ephawula uZimdollar ngesikhulumi sosuku u-Adv Mshololo, uthe akangabazi ukuthi bukhulu ubuhlakani abazogoduka nabo njengezihambeli zomcimbi.
“Sengilinde usuku olukhulu ngoba kusobala ukuthi kuzofiwa ubumnandi kuhlangene inzalabantu ngenyanga yayo,” usho kanje.
Owengamele ezokumaketha kwiSolezwe, uPhumi Mkhize, ukhumbuze abazoba yingxenye yomcimbi ukuthi imibala elindelekile ngomhlophe, oluhlaza satshani, nomnyama.
“Abebengakawathengi amathikithi abaphuthume ngoba athengwa kuhle kwamakhekhe ashisayo ukuze bangaphoxeki ngomzuzu wokugcina,” kusho uPhumi.