INTOKAZI yaKwaSokhulu, eRichards Bay, uLalela Mswane (24) ithi izogxila ekutheni itholele abantu abasha amathuba omsebenzi.
Ukusho lokhu ngemuva kokuthatha isicoco sikaMiss South Africa 2021 emcimbini obuseKapa, eGrand Arena, GrandWest.
ULalela uthe ufuna ukuba yizwi labantu abasha bakuleli abasize bangazinikeli ezintweni ezingezinhle, ngenxa yokuthi abasebenzi.
“Ngesikhathi ngisohambweni lukaMiss SA, ngakubeka kwacaca ukuthi uma ngisithatha lesi sicoco ngizobheka indaba ethinta amathuba omsebenzi. Ukungasebenzi kulimaze intsha yakuleli eningi. Njengoba sengithathe lesi sicoco ngizoqhubeka ngibe nezingxoxo ezehlukene ezithinta amathuba omsebenzi futhi ngizozama ukuthola isixazululo sokuthi kungani sibhekene nale nkinga,” kusho uLalela.
Uthe umkhankaso wakhe uzophinde awugxilise ekunikeni abasha usizo lokuthi bangaziqalela kanjani amathuba omsebenzi.
“Ikhono umuntu analo yilona esizolisebenzisa ukuze azisebenze, sizokwazi nokuthuthukisa umnotho manje naseminyakeni ezayo. Ngiyazi ukungasebenzi kuseyinkinga kuleli kodwa kumele sithathe izinyathelo kusemanje futhi lokhu sikwenze ngamandla. Asiqaleni manje ukuthuthukisa abanamakhono sizenzele thina singalindi abanye abantu ukuze sizakhele thina ikusasa eliqhakazile, leso sikhathi ilesi esikuso manje” kuchaza uMiss SA 2021 omusha.
Uthe ubafisela konke okuhle ozakwabo akade enabo emcimbini walo nyaka, nabenze lolu hambo kwaba olujabulisayo.
“Njengoba abantu bakithi sebengamukele ezinhliziyweni zabo, ngiyathemba ngizobalethela injabulo nokuzigqaja. Umsebenzi wami ukuthi ngikhuthaze, ngibe yisibonelo ngiphinde ngibuyise ithemba kulabo eselibalahlekele. Ukwakha umlando wozakwethu asebadlula nabathola ithuba elifana nelami eminyakeni edlule, nami ngizoqhubeka lapho. Ngizozinikela, ngibe umholi ukuze ngilimele kahle izwekazi lakithi elihle,” kuphetha uLalela.
Kulo mcimbi kujabulise abaningi ukubonakala kwezintokazi ezintathu ezimnyama zithatha indawo yokugcina. BekunguMoratwe Masima, waseMidrand, eGauteng noZimi Mabunzi waseQonce, eKing William’s Town.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uSihle Zikalala ubongele uLalela ngokudla isicoco. Uthe ukuphumelela kukaLalela kusho ukuphumelela kwesifundazwe.
“Siyayibongela indodakazi yethu, njengoba engunobuhle ozoqhubeka ayosimela nakuMiss Universe. Simfisela inhlanhla naphambili,” kusho uZikalala.
UMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa naye umbongelile uLalela ngokuthatha lesi sicoco. Uthe umyalezo kaLalela wokubuyisa ithemba entsheni ikakhulu ngamathuba omsebenzi ubenza bakhuthazeke.
ULalela uhambe nemiklomelo engaphezu kukaR4million isiyonke. Umcimbi walo nyaka ubuphethwe ngu-Anele Mdoda noNico Panagio. Amajaji bekungu-Andrea Meza, Pia Alonzo Wurtzbach, Basetsana Kumalo, Tamaryn Green, Shannon Esra, Mamokgethi Phakeng noDineo Ranaka.