Mbali Khanyile
UTHANDO lokupheka nelokujabulisa abantu lwaholela ekutheni owesifazane waseMthwalume aze avule ibhizinzisi lokudayisa ukudla.
UNksz Amanda “Eve“ Mseleku (32) waseNsavazane, eMthwalume, uthe ibhizinisi lokupheka, i-Eve’s Eatery Cusine, walisungula ngoba ebona ukuthi abantu abebekhonze ukumvakashela bebeya kubo ngoba bedonswa yizibiliboco aziphekayo.
“Bebefika njengabantu abasuke bevakashile ekhaya kuze kushaye isikhathi sokuthi ngiphakele wonke umuntu endlini. Bagcine sebefika ngenxa yokuzwa isandla sami. Ngabe senginquma ukuqala ibhizinisi lokupheka ngidayise,” kusho uNksz Mseleku.
Uqale athathe ama-oda abantu emakhasini akhe ezinkundla zokuxhumana.
Ube esefaka iminingwane yokudla akupheke ngalolo suku ukuze abantu abafuna ukuthenga babe nolwazi lokuthi yiluphi uhlobo lwesidlo olukhona.
“Ngaphandle kokutholakala ezinkundleni zokuxhumana uma abantu bedinga ngibadayisele, ngivamise ukuqashwa emcimbini eyehlukene ngiyophekela imindeni esuke ihlela isidlo sasemini noma santambama,” kusho uNksz Mseleku.
Isizathu sakhe sokuphekela imindeni yingoba ufuna ukufeza iphupho lakhe lokuhlanganisa imindeni ngesidlo esimnandi.
Uyazibambela uma ephekela amakhasimende, usebenzisana nabantu abathathu abamqobelayo.
Phakathi kwezindawo ezinamakhasimende ahlale emdinga ubale oGwini oluseningizimu neRichards Bay. Uzimisele kakhulu ngokusabalala kuwo wonke amadolobha KwaZulu-Natal.
Ikhono lokupheka walincela kuninakhulu owayethi uma epheke amazambane kube sengathi udidiyele nenyama.
“Ugogo wayevele asimangaze uma epheka. Enze isidlo esijwayelekile kube sengathi yinto esasingayijwayele. Ngalokho ngafunda ukuthi yonke into oyiphekayo kumele uyipheke ngothando, ukuze nalabo osuke ubaphekele baluzwe uthando ekudleni okudidiyelile.”
Inselelo ahlangabezana nayo wukungaliqondi kwabantu ibhizinisi lakhe ngoba lithe ukwehluka kunamanye okupheka. Uthi intengo yokudla kwakhe kayifani naleyo abantu abayisebenzisa uma bethenga ipuleti elijwayelekile emarenki nasezitolo ezincane zokudla.
Ufuna ukuvula indawo yokudlela ukuze abantu bathenge kahle.