Owesifazane waseMlaza uthi ukukhula kanzima engenabo abazali kumenze waqhamuka namsu okwenza noma yini ukuze azimele empilweni.
UNksz Sinenhlanhla Ndlovu (28), onebhizinisi lokwenza ama-sauce elibizwa ngeSauced eKasi eliseMlaza uthi ukhulele ekhaya lezintandane, kodwa waba nenhlanhla yokuthi athathwe owesifazane omkhulise njengengane yakhe.
Le ntokazi yaseMlaza ithe yalahlwa unina incane, yakhulela ekhaya lezintandane iWylie House ese-Overport, eThekwini, yathathwa owesifazane embiza ngogogo uMaNdlovu owayikhulisa kwaze kwaba yimanje.
“Ngisebenze emakhishini emva kokuthola iziqu zami zobuntatheli eCreative Arts. Bekunzima ngoba amatoho abengatholakali kugogo.
Exoxa ngebhizinisi lakhe lama- sauce uthe into eyamenza wafuna ukuzakhela ama-sauce ukuthi, akakuzwa kahle ukudla okungenayo i-sauce.
Eqhuba uthe: “Ibhizinisi elinje alijwayelekile kwabamnyama. Yingakho ngizimisele ngokuthi ngiphumelele.
Ngike ngaba nezingqinamba ngafeyila kodwa ngavuka ngazithatha, nokubeka imali yokuqala leli bhzinisi akubanga lula. Ngiyafisa ukubona ama-sauce ami egcina esethengiswa ezitolo ezinkulu.”
Uthe okwamanje iSauced EKasi ithengwa kakhulu abanezindawo zokudla emalokishini.
“Abanikazi bezindawo zokudla bayaye bawasebenzise ama-sauce kakhulu uma benza ichicken dust.ELamonti bayayithenga impela. Ngiyafisa ukuthi nami ngibone ama-sauce ami esedayiswa ezitolo ezinkulu.”
Uthe bekungelula ukuthi aqongelele imali yokuqala ibhizinisi lakhe.
“Ngathola umsebenzi wokuba nguthisha osizayo owangisiza kakhulu ngoba imali yokuqala leli bhizinisi ngiyithole khona,” kuchaza uNksz Ndlovu.
Uthe empilweni akumele ube yigwala kumele wenze okufisayo uze uphumelele, akumele uvumele impilo ikuhlule.
Echaza ngokukhula kwakhe uthi ngenkathi esasesikoleni samabanga aphezulu uke waba nenkinga yesikhumba, nokwamenza ukuthi agcine engasazithembi.
“Ukuba nenkinga yesikhumba kwehlisa ukuzethemba kumina, ngagcina sengizibona ngingemuhle. Okwakubuhlungu ukuthi nodokotela babehluleka ukungisiza,” kusho uNksz Ndlovu.
Eqhuba uthe lokhu kwagcina kumenza ukuthi afune ukwazi kabanzi ngesikhumba waze wagcina esenemikhiqizo yakhe yesikhumba ebizwa nge-Organic Glow.
Le ntokazi ithi ike yasebenza nenkampani ekhiqiza izinto zokugcoba kodwa kwangahamba kahle emsebenzini, yagcina isizimele.