UMBHALI wezincwadi, owakhipha incwadi ekhuluma ngempilo yakhe nokuthandana nama-blesser, ukhiphe enye incwadi.
U-Jackie Phamotse ukhiphe incwadi ekhuluma ngabesifazane ababa nokhwantalala emva kokuteta, okwenza abanye bagcine bezibulala izingane zabo.
Le ntokazi, edabuka eWestonaria, eGauteng, ithe kuzoba nzima kwabanye abantu ukuthi babhekane namaqiniso azobe ekule ncwadi yakhe isihloko sithi Liwa.
Kule ncwadi, ekwenza ukuthi udle amathambo engqondo, lo mbhali ubuza ukuthi: “Umuntu wesifazane onokhwantalala emuva kokubeletha (post partum depression) olwenza abulale usana lwakhe, kulungile yini ukuthi abizwe ngombulali?”
Uthe uyazi ukuthi le ncwadi yakhe izodala udweshu lwangaphakathi.
“Indlela ebhalwe ngayo izokwenza ukuthi umfundi wayo azibuze imibuzo eminingi. Ngiyazi nokuthi kuzoba nzima ukuthi abanye bavume ukuthi bake baba sesimeni esinjengalesi noma bake baba nokhwantalala emva kokubeletha,” kuchaza uJackie.
Uthe le ncwadi yakhe iyatholakala ezitolo ezidayisa izincwadi.
Le ntokazi ike yaba sematheni emva kokuxwayisa intsha ukuthi idlalele kude nabesilisa abayizimpunyela ngoba abanye babo bathwele futhi bayathakatha ukuze babe nemali.