UKUSIZWA inhlangano yowayenguMengameli wakuleli uJacob Zuma, i-Jacob Zuma Education Trust, kwamenza waba nentshisekelo yokulekelela abanye owesifazane ozomela elakuleli emcimbini ka-Mrs Universe Africa.
UNkk Cynthia Nhlenyama (39), waseSikhaleni, osezinze eFree State ngenxa yomsebenzi uthe ukusizwa inhlangano eyamfundisa ukuqhuba izifundo zakhe zokuba umlimi kwamvula amehlo ngokuthi noma ubani angakwazi ukufaka isandla ukuze abafundi abahlwempu babe nekusasa eliqhakazile.
“Ku-Mrs Universe Africa, ngingomunye wabangu- 60 abasethubeni lokudla umhlanganiso, singabesifazane abavela emazweni ahlukene e-Afrika. Ngo- Agasti 14, sizobe siphonswa imibuzo, bese kuthi ngo-Agasti 25 kumenyezelwe abangu-20 abazoqhubekela emzuliswaneni olandelayo. Kusukela ngo-20-23 Septhemba sizobe siqhudelana bese kuthi ngo-Septhemba 24 kukhishwe abanqobile, emcimbini ozoba se-Barnyard Theatre SilverStar eGoli.
Bazobe sebeya eKorea ngoNovemba kuyoklonyeliswa ozoba uMrs Universe Africa.
Uthe okumenze wangenela lo mqhudelwano wukuthi injengomuntu owasizwa inhlangano ukumfundisa, naye ube nentshisekelo yokuba neyakhe inhlangano ezosiza ukufundisa abantu abasha ukuze nabo bezokwazi ukulekelela abanye abavela emakhaya ampofu,” kusho uNkk Nhlenyama
“IJacob Zuma Education Trust eyangilekelela. Umama wayesebenza njengomsizi wasezindlini. Ngangihlakaniphile esikoleni, ngifunda eMatamuzane Dube Esikhaleni. Samenywa yiKZN Chamber of Business, ngaya njenge-Head Girl esikoleni. Babezosinikelela ngamanye amakilasi esikoleni sethu. UZuma wayekhona esenguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ngangihlezi etafuleni naye. Washo ukuthi usanda kuqala isikhwama lapho esiza khona abafundi abahlakaniphile, ngangifunda uGrade 11, yilapho engabe sengicela ukuthi nami angisize.
“Ngemuva kokuphasa uGrade 12 ngamfonela wathi angifake isicelo sami saphumelela. Ngenza ezolimo eOwen Sithole College of Agriculture. Umlando wethu waqhubeka. UZuma ngimthathe njengobaba, sengisebenza, ngithola uR800, ngamtshela ukuthi sengiyasebenza, ngasho nokuthi bakhona abasemuva engifisa ukubasiza. Ngabe sengiqala ngiba ne-debit order ngibuyisela esikhwameni. Ngoba ngangazi ukuthi isikhwama sisiza kanjani. Ingu-R500 000 imali engake ngayithola kubatshali mali,” kusho uNkk Nhlenyama.
Unengane eyodwa uKhanye (3).
Uthe into ayibheke kakhulu ukuhlomula ngo-R500 000 azowusebenzisela ukuphemba inhlangano yakhe ezosiza abantu iMPOWER.
Uthe kule nhlangano uzosiza abesifazane abahlala emgwaqweni.
“Ngisiza abesifazane abahlala emgwaqweni, ngibanikeze indlela yokuphila. Ukuba angisizwanga yinhlangano kaZuma, ngabe nami ngaba semgwaqweni, angicabangi ukuthi kukhona owesifazane ohlela ukuthi ufuna ukuyohlala emgwaqweni, kuba isimo esimficayo,” kusho uNkk Nhlenyama.
Ushade ngo-2018 kanti usebenza eConstruction Education & Training Authority (CETA), eFree State basiza abafundi ngamakhono ahlukene.