UFUNA ukuthuthukisa ezokuvakasha elokishini uDkt Phumzile Nembe Kganye, ongumnikazi wendawo yokuhlala izivakashi Ekhaya Lentokozo B&B, KwaMashu.
Le ndawo yavulwa ngokomthetho ngo-2010 ukuze ihlalise abantu ababezobuka imidlalo yeNdebe yoMhlaba eyayiseNingizimu Afrika, ngoba eminye yayidlalelwa eThekwini.
“Ngesikhathi sizwa ukuthi kuzoba neNdebe yoMhlaba sabona ukuthi abantu bazodinga indawo yokuhlala eThekwini, namaphethelo sabe sesishintsha ikhaya lethu salenza indawo yokuhlala izivakashi. Kwakumele silandele imigomo yezokuvakasha sibe nesitifiketi esishoyo ukuthi sikulungele ukuhlalisa abantu,” kusho uDkt Nembe Kganye.
Uthe selokhu baqala ukusebenza ngo-2010 babenezingqinamba zokuthi izivakashi azifiki kakhulu elokishini waze wavula enye indawo eManzimtoti.
“Sinezindawo zokuhlalisa izivakashi ezintathu ezimbili ziKwaMashu, eyodwa iseManzimtoti bese siba nendawo yokuhlalisa abafundi esenkabeni yeTheku. Kubalulekile ukuthi sithuthukise ezokuvakasha elokishini ngoba siba nemicimbi emikhulu futhi kukhona abantu abangathandi ukuhlala enkabeni yedolobha abafuna ukuba selokishini,” kusho uDkt Nembe Kganye.
Abanye osomabhizinisi bavamise ukukhala ngengqinamba yemali yokuqala ibhizinisi kodwa uDkt Nembe Kganye uthe akazange abhekane nenkinga yemali ngoba waqala ngokushintsha umuzi wakhe wawenza indawo yokuhlala izivakashi.
“Izingqinamba engibhekane nazo ngezokuthola izivakashi ngoba abantu bakithi ubungakabangeni umkhuba wokubekisa isikhala kusenesikhathi. Bebevele basishayele ucingo ngelanga abafika ngalo eThekwini sebebuza ukuthi nginayo yini indawo. Abanye bafika ebusuku, abanye bashaya ucingo nango-2 ezintatha. Abanye abayiphathi kahle ifenisha, abawulandeli nomthetho wokuthi akubhenywa kodwa baningi abahloniphayo,” kusho uDkt Nembe Kganye.
Ezinye izivakashi uthe zilethwa ngabantu asebeke bahlala eKhaya Lentokozo futhi baphatheka kahle.
Uthe iCovid-19 imshayile kakhulu ngoba ubenabasebenzi abayisithupha kodwa manje usele nababili.
“Abanye siphoqelekile ukuthi sibadilize ngoba singakwazi ukubaholela uma singazitholi izivakashi. Sisele nababili ngoba indawo ehlala izivakashi kufanele ihlale ihlanzekile, kulungiswe ingadi ukuze uma sekuvulwe ezokuvakasha ngokuphelele abantu bakwazi ukuzohlala lana,” kusho uDkt Nembe Kganye.
Uthe kulezi zindawo zakhe bayayenza nemicimbi.