IFISA kwande abesifazane abasemkhakheni wamabhanoyi intokazi yaseThekwini eshayela izindiza, ekhule kuyiphupho layo ukungena kulo mkhakha.
ULindelwa Mdaki (25) waseWestville eThekwini, uthi ukuba nomzali owayesebenzela inkampani yamabhanoyi iSouth African Airways (SAA), kwaba nomthelela omkhulu ekutheni kufezeke iphupho lakhe.
Le ntokazi eyaqala ukufundela ukushayela amabhanoyi ngo-2016 eKishugu eNelspruit, isanda kuthola ezinye iziqu zayo zeCommercial Pilots License ngenyanga edlule, ishayela amabhanoyi ombutho wamaphoyisa iSAPS, esikhumulweni sezindiza iWonderboom Airport ePitoli.
“Sekuyisikhathi manje sokuguqula indlela abantu besifazane abaphupha ngayo ngempilo yabo ngoba sesiside isikhathi bephila ngaphansi kokuvalelwa amathuba. Sekuyisikhathi sokushintsha ukwenza nokuguqula indlela ecabanga ngayo imbokodo ukuze iphakame,” kusho le ntokazi.
Phambilini lo mkhakha bewugcwele abantu besilisa bezinye izinhlanga.
Le ntokazi ebonga ithuba elitholile lokungena kulo mkhakha ongajwayelekile kwabamnyama, ithe bekungeke kube lula ukuthi lifezeke iphupho layo leminyaka ukuba ayilutholanga uxhaso nokwesekwa umndeni wayo.
“Ukuthola ukwesekwa ngabantu abakuthandayo kuyasiza kakhulu empilweni. Njengoba umndeni wami, ikakhulu abazali bangiseka mhla ngibatshela ngamaphupho ami, isenzo sabo yiso esangigqugquzela ukuthi ngisebenze ngokukhulu ukuzikhandla. Ngangifuna ukubapha isipho abayohlezi beziqhenya ngaso.”
Ithe isifiso sayo manje wukubona abantu abamnyama ikakhulu besifazane bengena ngobuningi babo kulo mkhakha.
“Ziningi izingqinamba ezikhona ezenza abantu abamnyama bangakwazi ukungena kulo mkhakha wezamabhanoyi. Kwesinye isikhathi kuke kuphoqe ukuthi abanye bamise kancane izifundo zabo uma sebephelelwe yimali njengoba kungesibona bonke abantu abathola ithuba lokuxhaswa ngomfundaze.”
Uthe intsha enothando lokuphumelela kumele izibambe ziqine.