OBEYISIKHULU ophikweni lwenhlangano yezizwe olubhekele abesifazane i-UN Women, uNkk Phumzile Mlambo-Ngcuka uchonywe uphaphe lwegwalagwala ngomsebenzi wakhe omuhle awenze ngesikhathi esebenza kulolu phiko.
UNkk Mlambo Ngcuka uchonywe uphaphe wahlonishwa nge--2021 Global Goalkeeper Award ,yinhlangano engenzi nzuzo iBill&Melinda Gates Foundation ngoLwesibili.
Le nhlangano ibihlonipha abaholi ababambe iqhaza ekuqinisekiseni ukuthi umhlaba uyakwazi ukufinyelela kulokho ozibekele kona ngaphansi kwamasu i-Suistainable Development Goals (SDG).
UNkk Mlambo-Ngcuka uqhakambiswe ngomsebenzi awenzile ngesikhathi ekulolu phiko. Ubebhekele izinhlelo zokulingana phakathi kwabesilisa nabesifazane . Nyakenye ubeyingxenye yethimba ebelibheka indlela abesifazane nezingane abathinteke ngayo njengoba kunobhubhane iCorona.
Isitatimende esithunyelwe yinhlangano i-Bill& Melinda Gates, sithe uNkk Mlambo-Ngcuka wenze umsebenzi oncomekayo ngokwenza isiqiniseko sokuthi uyakuveza ukuthi abantu besifazane banezinselelo ezingakanani ngenxa yokuhlasela kwalolu bhubhane.
"UNkk Mlambo-Ngcuka wenze nkonke okusemandleni akhe ukuthi aveze isithombe esiyiso ngendlela abesifazane nezingane abathinteka ngayo," kusho isitatimende.
Isikhathi sokusebenza kulolu phiko sikaNkk Mlambo-Nguka, siphele ngenyanga edlule. NgoJulayi ubehola futhi eyingxenye yeGeneration Equality Forum.
Lesi sigungu siqoqe imali elinganiselwa ku-R593 billion enikezwe izinhlangano zabesifazane namantombazane emhlabeni wonke.
UMnuz Mark Suzman isikhulu esiphezulu kwiBill& Melinda Gates Foundation, uthe: " Abesifazane bebehamba phambili ngokuqhamuka nezindlela ezintsha ezingasiza ekutheni kuphele ukungalingani okukhona kubantu besifazane namantombazane uma beqhathaniswa namadoda. Laba besifazane basebenze ngokuzimisela okukhulu. Umsebenzi wabo ngeke ulibaleke."