AKAKAZE azibone engumlimi owesifazane waseShowe, oziqwaqwade zonke izitshudeni ebezithola iziqu kuleli sonto eKolishi lezoLimo, i-Owen Sithole elibuye laziwe ngokuthi iseCwaka.
UNkk Sphelele Ngema (23) uchonywe uphaphe lwegwalagwala ngokuphasa kahle zonke izifundo zakhe njengoba ebenza iCrop Production kuleli kolishi.
Ungomunye wezitshudeni ezingu-122 ebezithweswa wuMnyango wezeLimo KwaZulu-Natal, iziqu zazo kuleli sonto.
"Ngisakhula, ngangithanda ukuba usosayensi. Ukulima nje kwakuyinto engangingayicabangi nokuyicabanga yize bengibona umama engumlimi. Ngesikhathi ngikhula, bengibheka ukuthi yini engingayenza ukuthuthukisa umphakathi. Owangakithi umphakathi uyalima, bekumele ngenze ezolimo ukuze ngiwuthuthukise, ukwazi ukuzondla uphinde udayise izitshalo zawo. Yingakho ngikhethe lo mkhakha. Uma sengingenile kuwo ngibonile ukuthi ezolimo ziyisayensi le ebengivele ngiyithanda," kusho yena.
Le ntokazi ithi izifundo zazo zikhokhelwe umfundazwe wakwaHullets noqeqesho-msebenzi yaluthola khona. Kulo nyaka uSphelele ubenza i-Advance Diploma kwiCrop Production eMangosuthu University of Technology (MUT).
"Angijahile ukuthi ngibe nepulazi lami, ngisafuna ukuthi ngifunde ngibe nolwazi olwanele ngaphambi kokuthi nami ngiziqalele elami ibhizinisi. Ngifuna ukugxila emkhakheni wokuthuthukisa abantu emkhakheni wokuzitshalela ukudla nokudayisa nokucwaninga ngezitshalo nomhlaba," kusho yena.