IMBOKODO ibishiyelana inkundla icebisana ngamasu okuzithuthukisa kwezomnotho, ukuqala amabhizinisi, ezomthetho nezokuvakasha.
Uhlelo lomcimbi weNtandokazi obungoMgqibelo, ehhotela iPremier eMhlanga, belubophele izingxoxo ebeziholwa ngabantu besifazane asebephumelele ngenhloso yokucathulisana kubhekwe empilweni engcono.
Ingxoxo yezomnotho ibiphethwe wuMhleli weSolezwe uNksz Kiki Ntuli, lapho exoxisene bukhoma noNksz Futhi Mkhize, ongusomabhizinisi okhiqiza amakhambi emvelo, uNksz Pinky Radebe umphathi wezokuxhumana kwiTourism KZN noNksz Thandi Ngxongo, ongunjiniyela futhi ungumnikazi wegalaji likaphethroli.
Zonke izikhulumi zivumellane ngazwi linye ngokuthi indlela eya empumelelweni iqala ekubeni nombono nempokophelo.
“Yiba ngowesifazane ohlafunekayo (okwazi usebenza nabanye). Okwaziyo ukuxhumana nabantu futhi novulelekile ngoba imboni yezokuvakasha ayimdingi umuntu othi unamahloni noma uyasaba ukukhuluma nabantu,” lawa ngamazwi kaPinky Radebe, obechushisa izihambeli ngamacebo adingekayo embonini yezokuvakasha.
Umcimbi uvalwe yintokazi engaconsi phansi kwabaningi kuleli ngoba iyingxenye yecala elingundaba-mlonyeni kulezi zinsuku, u-Advocate Zandile Mshololo, ebe yisikhulumi sosuku ngoMgqibelo.
Inkulumo yakhe ibigxile ekuhlomiseni abantu besimame ngokwazi amalungelo abo, ikakhulu uma bengena emishadweni nokuthi bakwazi ukucabanga ngamasu okugwema udlame lwasekhaya.
“Kumele sicabangisise ukuthi udlame lwasekhaya luqala ngathi, luqalwa yithi futhi luzoqedwa yithi. Uma thina singathatha isinqumo sokuthi silwa kanjani nalesi sihlava, uhulumeni namaphoyisa ngeke bakwazi ukuyinqoba le nkinga,” kusho uMshololo.
Bonke abahambele umcimbi baphathiswe umphako wokuthi kumele bakwazi ukuthatha izinqumo ngabakufisayo ngempilo yabo futhi babe nesibindi sokuya komasipala, emabhizinisini ukufuna ulwazi olwanele lokuziphendlela eyabo endlela.
Sukuma mbokodo ulwele impilo yakho, impilo yezingane zakho namalungelo akho!