"UKULIMA yikhona kuphela okungasikhulula enkingeni yokushoda kwemisebenzi“
Lokhu kushiwo nguNksz Zanele Mdletshe, ohlala eMtubatuba, onebhizinisi lokutshala nokudayisa izithombo (nursery) kule ndawo.
UNkk Mdletshe uthi uqale ukuba ngumlimi ngo-2012, ngemuva kokushiya emsebenzini ngoba efuna ukugxila ebhizinisi lokulima.
" Abafowethu ababili bangabalimi. Omunye ufuye izinkomo omunye ulima umoba kanti nobaba ungumlimi futhi ufuyile. Ngiye ngithi uma ngizichaza ngithi ukuba ngumlimi kwangikhetha, ngingakakukhethi ngoba yinto ebengiyibona yenziwa ekhaya futhi ngiyithanda kodwa ngingakacabangi ukuthi ngingaphila ngayo," kuchaza uNksz Mdletshe.
Elandisa kabanzi ngokungena kuleli bhizinisi uthi ngo-2012, wathatha isinqumo sokuthi ashiye umsebenzi ayewenza wagxila ngokuphelele ekutshaleni. Uthi wayebona ukuthi kuyamlibazisa ukusebenza kanti wayebona ithuba likhona futhi nemali angayenza ngokulima ingcono kakhulu kunaleyo ayeyihola emsebenzini.
Uqale ngokutshala imifino, amazambane nobhontshisi.
" Ngabona ukuthi izithombo sizithenga kude njengoba ngiseMtubatuba, ngizithenga eShowe, noma eMpangeni, ngoba izinkampani ezidayisa izithombo eziningi zikulezo zindawo. Ngabona ithuba lokudayisa izithombo. Ngaqala ngathenga izimbewu ngazitshala izithombo enhlabathini. Ngangikwenzela ukuthi ngingabi nenkinga uma ngitshala ngoba ngiye ngidinge eziningi, uma ngizotshala ihektha leklabishi ngidinga ezingu-30 000. Ngabona kungcono ukuthi ngi-ode izimbewu kubakhiqizi bazo bangidilivele bese ngiyazitshala. Ngabona ukuthi abakhiqizi bezithombo basebenzisa amathreyi uma betshala ukuze izithombo ziphuma kahle futhi kube lula ukuzibala, nami ngashintsha ngazitshala kuwo amathreyi," kuchaza uNksz Mdletshe.
Uthe kubalulekile ukuthi uma ufuna ukumncintisana kahle nabantu abenza umsebenzi ofana nowakho, ubheke ukuthi bona balenza kanjani ibhizinsi, yingakho kuthe kungonakele lutho naye waqala uhlelo lokuthi afake amapayipi ahambisa amanzi ezitshalweni, idripping system.
Uthe ufake lolu hlelo lwamanzi ngoba amanzi abephuma emapayipini kodwa ubeba nenkinga uma amanzi engaphumi kompompi.
“ Bekuke kwenzeke amanzi angaphumi kuze kuphele amasonto amabili, ngabona ukuthi ngidinga amanzi azohlale ekhona. Ngase ngiqasha inkampani ezongenzela uhlelo lokuwadonsa ngaphansi komhlaba. Kuyabiza ukumba amanzi ngaphansi komhlaba kodwa bekumele ngikwenze lokho, ukuze ngikwazi ukuzihlela ukuthi ngitshala nini,” kusho yena.
UNksz Mdletshe uthe ebusika udayisa izithombo eziphakathi kuka-30000 no-40 000 kuthi ehlobo ama-oda ayehla ngoba amakhasimende abuye atshale ummbila kuwo lo mhlaba abasuke betshale kuwo imifino.
“ Ukulima kona kunazo izinselelo ikakhulu uma ungakufundele kodwa kuyasebenzeka. Esengikubonile nje ukuthi siyadinga ukuthi sibe nososeshini wabalimi ukuze sikwazi ukuhlangana sizikhiqizele ezinye izinto esizisebenzisayo uma silima. Ngeshwa thina sazi ukuthi ico-operative kusho ukuthi kumele nisebenze ensimini eyodwa kanti cha! Uma kungalunga lokho singakwazi ukwenza ezinye izinto ndawonye njengokuzikhiqizela ukudla kwezilwane nokushintsha umkhiqizo uwenze okunye, i-Agro-proccessing,” kusho uNksz Mdletshe.