Uma sewuziphaqule kahle waba muhle ungakhohlwa uma sewugeza ukuphinde uqinisekise ukuthi ubuso bakho buhlanzeke ngendlela.
Ungoti wesikhumba eMhlanga, uDkt Cebi Sibisi, uthi isifonyo sithi sivikela iCovid-19 kodwa futhi sibe sidala umonakalo esikhumbeni.
“Ngesikhathi uphefumula umoya osuke uwuphefumula ngaphakathi kwesifonyo uyashisa bese wenza kube nokushisa okukhulu okungena esikhumbeni sakho okugcina kwenza ukuthi kuvaleke nezimbobo zokuphefumula esikhumbeni.
“Izindwangu okuthungwa ngazo izifonyo azifani, nazo zinomthelela ekutheni abantu bavumbuke izinduna.
“Kubalulekile ukuwasha isifonyo njalo nobuso ubugeze bese ubugcoba ngaphambi kokuthi ulale,” kusho uDkt Sibisi.
Ungoti kwezokuziphaqula uNkk Futhi Mkhize uthe ngesikhathi umuntu efaka iziphaqulo bese efaka isifonyo ngaphezulu kusuke sekukuningi esikhumbeni. Yingakho nokushisa kuzwela ngokushesha nokwenza abantu abaningi babe nenkinga yezinduna kakhulu ngalesi sikhathi.
“Kunama hormones atholakala ngasesilevini kumuntu okuthi uma ethintekile bese kuqubuka izinduna.
“Isifonyo njengamanje sihlala sikhuhla isikhumba naso isilevu kube nokushisa okweqile bese isikhumba sihluleka ukumelana nokushisa uqubuke noma kuvumbuke izinduna. Indlela esizayo ukulandela izigaba ezifanele zokugeza ubuso,” kusho uNkk Mkhize.
Cleanser:
Sebenzisa noma yiluphi uhlobo lwecleanser yokugeza ubuso noma ehambisana nomkhiqizo owusebenzisayo. Thatha imizuzu noma emibili uzihlikihla ubuso ngezandla zombili esinye sigxile ngakwesobunxele bese esinye sikhuhle ngakwesokudla.
Sebenzisa amanzi antukuntuku uma usugeza ubuso bakho
I-Exfoliator:
Sebenzisa uhlobo lwe-exfoliator lomkhiqizo owugcobayo noma ozihlanganisele wona ekhaya bese usebenzisa izandla zombili ukukhuhla sakucindezela.
Lokhu kuzokusiza ngokususaisikhumba esonakele nodoti ohleli esikhumbeni ongakwenza izinduna. Ungasebenzisa ushukela onsundu noju uma ungenakho okwasesitolo, bese ukugeze emuva kwemizuzu emihlanu kuya kweyishumi.
I-Mask:
Uma sewukwenze konke lokhu okungenhla, imask seyizofika izokhuculula okokugcina idonse namafutha asuke emaningi esikhumbeni, amanye asuke engezwe i-exfoliator exutshwa ngowoyela.
I-Toner:
Sewungafaka i-toner ezokusiza ukuzohlanza okokugcina iphinde ilekelele ekutheni izimbobo zesikhumba zivuleke ngendlela efanele.
I-Moisturizer:
Gcoba imoisturizer oyisebenzisa, uma kusemini uqinisekise ukuthi inayo neSPF okungenani ungathenga omunye umkhiqizo wokuzivikela elangeni uwuconsisele uma usugcoba.