UKUBHEDUKA kweCorona kuleli kuholele ekutheni angene agxile emkhakheni wokuthaka amakhambi emvelo.
UNkk Futhi Mkhize, ongumsunguli wenkampani ekhiqiza okhilimu abakhiwe ngezithako zemvelo iNN Skin Care, usengene emkhakheni wokukhiqiza amaphilisi namakhambi emvelo iPhyto Medicine.
Ungomunye wabagqugquzela umkhankaso wokuxwayisa abantu ukuthi bagweme okhilimu abakhanyisa isikhumba, obizwa ngokuthi Ngimnyama Ngimuhle.
UNkk Mkhize oke wasebenza enkampani yeziphaqulo iRevlon, eyiMake Up Artist, nongumsunguli wesikole esifundisa ngezokuphaqulula, iThe Beauty Academy eseThekwini, uthe ubenakho ukuwathanda amakhambi emvelo kodwa egxile ekutheni enze ngawo okhilimu abangasilimazi isikhumba.
"Ngo-2018 omunye wabangani bami wangithumelela imininingwane yeworkshop okwakuzobe kukhulunywa ngemikhiqizo eyenziwa ngamakhambi emvelo. Ngaya kule workshop ngizitshela ukuthi ngifuna ukufunda kabanzi ngawo ukuze ngandise ulwazi lwami ngoba bese ngikhiqiza okhilimu abangenawo amakhemikhali. Isikhulumi sokugcina sethula inkulumo ngokwenziwa kwamaphilisi nemithi ngamacembe nezihlahla zemvelo, iPhyto Medicine. Isinqumo sokuthi ngizongena ohlelweni lokufundela lo mkhakha ngasithatha ngaleso sikhathi. Ngabuyela eThekwini ngangena ngiphuma eminyangweni ngifuna uxhaso lokukhokhelwa eNyuvesi iPretoria. Ngaluthola usizo ophikweni olweseka osomabhizinisi eThekwini, iBusiness Support ngaqala ukufunda ngo-2018," kuchaza uNkk Mkhze.
Uthe ubelokhu eqhubeka nebhizinisi lakhe lokukhiqiza aphinde adayise okhililmu abangasilimazi isikhumba ebe efunda eceleni.
"Ngithole ukuthi lo mkhakha ubanzi kanti bengizitshela ukuthi ngizofunda ngezihlahla ezimbalwa ebengizazi ezinjengensangu, umhlonyane nezinye. Lapha sifundiswe ukuthi lezi zihlahla uzicubungula kanjani uthole ukuthi zinaziphi izinto ezelaphayo. Kumele wazi ukuthi yini eyelaphayo esihlahleni amaqabunga, isiqu, impande, igxolo noma imbali. Kumele uthole okwelaphayo okumele ukuhlukanise nengxenye yaleso sihlahla engadingeki. Uma usukutholile okwelaphayo, kumele uthole ukuthi ufaka okungakanani uma sewakha umuthi ukuze isiguli selapheke, nokuthi isiguli sidinga ukuthi sisebenzise into engakanani. Ubheke ukuthi kumele wenzenjani ukuze ikhambi lingasheshi ukonakala," kusho yena.
Nyakenye uthe ubesekwazi konke lokho kwase kubheduka iCorona. Waqala wenza umhlonyane ngoba uyikhambi lo mkhuhlane, wawudayisa.
"Elaboratory bengenza ucwaningo mayelana nokuthi yimaphi amakhambi engingawahlanganisa ukuze ngelaphe iphika ngoba abantu abaningi bebekhala ngokuthi banenkinga yokuphefumula. Inhloso yami bekungukuthi ngisize nabantu abadala ngoba iphika liyabahlupha," kusho yena.
Uthe kunohlelo olulandelwayo lokubheka ukuthi ngabe amakhambi osuwathakile aphephile, obekumele alulandele ngesikhathi.
"Nginqume ukuthi amakhambi engizowenza azoba ngamaphilisi angama-capsule. Ngithe ngiqeda ukulwenza kwafika isivunguvungu sesibili seCovid-19. Safika sesinamandla abantu abaningi beyidinga into ezobasiza, kwavuleka ithuba lokuthi amaphilisi ami angene emakethe adayiswe namanye amakhambi emvelo. Njengamanje adayiswa ekhemisi laseSpar eMega City, esitolo esidayisa imikhiqizo eyenziwe ngezinto zemvelo iPhila Phakade eThekwini naseGauteng," kusho yena.