UKUBA ngumholi akusho ukuthi kumele ushintshe uziphathise okwendoda ngoba abaholi abaningi bengamadoda.
UNkk Nomagugu Simelane-Zulu onguNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, usho kanje ngesikhathi ekhuluma nabesifazane esithangamini sokucobelelana ngolwazi sabesifazane ebesihlewe ngumasipala weTheku ngoLwesibili.
UNkk Simelane-Zulu uthe abantu besifazane uma benza izinto ezenza ukuthi bavele ukuthi bangabantu besifazane kozakwabo abangamadoda, kuba sengathi kabanawo amandla adingekayo ukuthi babe ngabaholi.
“Uma nje uke waveza ukuthi uthanda izicathulo njengami kuba sengathi awunawo amandla adingekayo. Uma uke waveza ukuthi ungumuntu othanda ukuziphophotha kuvele kuthiwe kazi usithathaphi isikhathi sokwenza leyo nto. Yizo lezi zinto ezingenza ngibe umuntu wesifazane. Ngiwumholi wesifazane angifuni ukuba yindoda. Ngifuna ukuba wumholi hhayi ukushintsha ubulili bami. Ngizithanda ngiwumuntu wesifazane ngeshwa umhlaba esiphila kuwo abantu besifazane, kabalingani namadoda,” kusho yena.
Uqhube wathi uma kubhekwa abesifazane ababelwela inkululeko, abavezwa njengabantu ababengabaholi belwela inkululeko, bavezwa njengabantu ababeseka abayeni babo.
“Uma singabheka umama Victoria Mxenge esikhathini esiningi uvezwa njengenkosikazi kaMnuz Griffts Mxenge, akuvezwa ukuthi naye wayelwela inkululeko. Kuba sengathi wayelekelela umyeni wakhe kanti cha, kwayena wayengumholi elwela inkululeko ngokwakhe. Umama * -Albertina Sisulu uvezwa njengomuntu owayewunkosikazi kaMnuz Walter Sisulu, akuveli ezincwadini zomlando eziningi ukuthi wayevele elwela inkululeko, bahlangana evele ewumholi akabanga wumholi ngoba kuwumyeni wakhe umholi. Mhlawumbe ukhona ongasitshela ukuthi wake wezwa ukuthi kwakungubani umholi womkhankaso wabesifazane wokuvala izindawo zokuphuza utshwala eMkhumbane? Asazi. Kunalokho kuvezwa indoda eyagqoka iphinifa yajoniya amakhosikazi. Lokhu kwenziwa emhlabeni esiphila kuwo futhi kuvuna amadoda,” kusho yena
Uthe eMnyangweni wezeMpilo abantu besifazane abasebenza kuwo bangu-70% kodwa bangu-45% abasezikhundleni zokuphatha.
“Lokhu ngeke kuphele uma nathi bomama emakhaya sisaqhubeka nokuthengela izingane zamantombazane onodoli, ezabafana sizithengele amathoyizi ayizimoto. Uwumama ufundisa indodakazi yakho eneminyaka eyisithupha ukugeza izitsha kodwa umfowabo oneminyaka ewu-10 abe ezidlalela emgwaqweni. Umuntu wesifazane ongawutholanga umendo unegama abizwa ngalo, ayiphathwa eyobuye emendweni, kuba sengathi akasaphili kanti uyaphila. Okumele sikwamukele wukuthi umuntu wesilisa nowesifazane bakhiwe ngokungafani noma sebesezikhundleni ngeke bashintshe. Singabantu besifazane kumele sifunde ukubambana ngesandla sifundisane. Amadoda enze njalo. Muntu wesifazane, ungathi uma usuphumelele bese uyalikhahlela iladi onyuke ngalo ukuze kungabikhona omunye umuntu wesifazane okulandelayo,” kweluleka uNgqongqoshe.
UNkk Basetsana Kumalo ongusomabhizinisi, uthe uma ungusomabhizinisi kumele uzifundise ukuqala noma yiliphi ibhizinisi olifisayo ungavinjwa wubulili.
“Uma ungumama osebenzayo ungalinge uzisole ucabange ukuthi kukhona okubi ngokuthi ungumama osebenzayo,” kusho uNkk Kumalo.