UMSHAYELI wamaloli wokuqala waseShoprite, useqeqeshe abashayeli abangaphezulu kuka-400 abasanda kungena kulo mkhakha.
UNkk Nomusa Caroline Hlongwane (59), odabuka eShowe, kodwa osezinze eCenturion, wangena emkhakheni wezokuthutha ngo-1990, esiza umyeni wakhe owayenenkampani eyayinamabhasi, amaloli nogandaganda.
Ngesikhathi eqala, uthe wayesiza umyeni ngomsebenzi wasehhovisi kodwa wagcina eseshayela nezimoto.
"Ngesikhathi ngisiza umyeni wami, ngathola ulwazi oluningi ngebhizinisi lomkhakha wezokuthutha ngagcina sengisiza nangokuhambisa ogandaganda lapho bedingeka khona uma kunesidingo," kusho yena.
Ngesikhathi esebenza ebhizinisini lomyeni wakhe, uthi wathola umsebenzi wokushayela amaloli ahamba amabanga amade e-United States of America (USA), ngo-1995. Kwakunguyena kuphela umshayeli wesifazane kubashayeli abalinganiselwa ku-150.
Lapho wathola ulwazi lokuhlangana nabashayeli baphesheya athi babehlale bebheke ukuthi enze iphutha ngoba babengakhohlwa ukuthi iNingizimu Afrika ingakhiqiza umshayeli wamaloli osezingeni eliphezulu. Ngemuva kwesikhathi, wabuye wabuyela ekhaya.
Uthe ngaleyo minyaka, abantu besifazane abashayela amaloli babebancane kuleli, nakhona wayejwayele ukucwaswa, kuthiwe uthanda ukwenza umsebenzi wamadoda.
Ngemuva kokushona komyeni wakhe ngo-2000, wabe esefudukela eGauteng nezingane zakhe. Ngo-2007, waqashwa eShoprite eCenturion, waba wumshayeli wamaloli.
"Imenenja yami yake yangibuza ukuthi ngizokwazi yini ukumelana nomsebenzi wokushayela amaloli ahamba amabanga amade? Ngayitshela ukuthi anginayo inkinga yalokhu ngoba ngike ngawenza lo msebenzi e-USA," kusho uNkk Hlongwane.
Uthe wayesebenza esuka eGauteng aye eNelspruit (Mbombela) okwakuyibanga elifishane kuyena uma eqhathanisa nebanga ayelihamba e-USA lapho ayeke ahambe isonto lonke ngaphambi kokufinyelela lapho eya khona.
Ngo-2010, uthe wakhushulelwa esikhundleni sokuthi aqeqeshe abashayeli abasafika khona eShoprite.
Uthe wakhumbula ukuthi ngaphambi kokuthi ashade, uyise wayefuna ukuthi afundele ukuba wuthisha kodwa wagcina engene ebhizinisi lomyeni wakhe ngoba washada esemncane.
"Manje ngenza umsebenzi wokufundisa owawuthandwa wubaba, ngiwuhlanganisa nengawuthola emzini. Baningi abashayeli abadlule ezandleni zami, kangangokuthi nami angisabazi ukuthi bangaki kodwa bangaphezulu kuka-400," kusho uNkk Hlongwane.
Phakathi kwabesifazane abadlule ezandleni zakhe, kukhona uNksz Hunadi Rasesemola (31) oqashwe eShoprite ngo-2019.
UNksz Rasesemola uthe wayethanda ukusebenza kuma-ambulensi kodwa izifundo ayezifunde esikoleni azimvumelanga ukuthi athathe lo mkhakha. Uyise ongumshayeli wamaloli wamfundisa ukushayela.
Uthe uqeqeshwe wuNkk Hlongwane eShoprite.
"Ngimbiza ngomama uNomusa ngoba kimina ufana nomama ngendlela akufundisa ngayo. Ngiyafisa ukuthi nami ngize ngifinyelela lapho ekhona, ngifundise abashayeli," kusho uNksz Rasesemola.