UNksz Nokukhanya Ngubo (25) uyimenenja yamapulazi akhulisa aphinde adayise izinkomo, iThaba Nyala Breeders eseNewcastle neseHeatoville, eMpangeni.
Le ntokazi egcine isiphothula amabanga aphezulu esikoleni eHlamvana High, eMpangeni ngoba isihlala nogogo wayo ngemuva kokushonelwa ngabazali, ithi akubanga lula ukungena enyuvesi ngoba uninakhulu wayengenayo imali yokuthi ibhalise.
Uthe kwakumele ngabe wangena enyuvesi ngo-2013 kodwa waze wangena ngo-2014 ngenxa yokuswela imali.
UNksz Ngubo uneziqu zeBSC in Agriculture azithole oNgoye ngo-2017. Ngo-2019 wenza izifundo zokutshala umoba.
“Impilo ibinzima kakhulu. Ngisizwe wukuthi imiphumela yami ka-matric yayimihle kakhulu okuholele ekutheni ngithole umfundaze wakwaHexagon. Ngiwumuntu okuthi uma enikezwe ithuba ngifunde ngokuzimisela nakhona enyuvesi ngiphase kahle,” kusho yena.
Uthe njengoba eyimenenja uzenzela yena konke okubhekene nezinkomo, ukunquma izimpondo ukuzijova, ukudipha, ukuzifaka isitembu, ukuthatha amasampula olibofuzo, ukuzifaka amacici asiza kakhulu uma ziyodayiswa endalini, ukusiza izinkomazi ngesikhathi zizala uma kunesidingo, ukuhlela ukuthi yiziphi izakhamzimba ezilungele izinkomo namankonyane.
“Abantu abaningi bacabanga ukuthi uma ungumuntu wesifazane ngeke uwenze lo msebenzi engiwenzayo kanti uyakwazi uma unothando. Mina ngikhule ngiyithanda kakhulu imfuyo. Ngesikhathi ngisemncane bengikhonze ukudweba yona imfuyo okuyinto evame ukwenziwa ngabafana.
“Ngaleso sikhathi nami ngangingazi ukuthi lokho kusho ukuthi yiwona mkhakha engizowufundela, bengicabanga ukuthi kwenziwa ukuthi imfuyo yinto ekhona emakhaya,” kusho yena.
Uke wasebenza epulazini lezimvu phambilini nakhona uthi wakujabulela ukusebenza ngazo. Le ntokazi ithi isiqalile ukuzicijela ukuba nepulazi yize ingakabi nalo.
“Umqashi wami njengamanje ngingambiza ngomuntu obuye angisize ekutheni ngifunde konke ngebhizinisi lezinkomo, nguye futhi owangipha inkomo yami yokuqala.
“Okwamanje ngiyikhulisela epulazini lakhe ngifisa ukuthi ngibe nendawo lapho ngizokhiqiza khona izinkomo ezizobe ziwuhlobo olubekezelela isimo sezulu esibi.
“Ngibuye ngisize amalungu omphakathi ngokuweluleka ngemfuyo. Ngithola izingcingo kubantu abehlukene befuna ukukwelulekwa ngemfuyo.
“Anginayo inkinga yokwenza lokhu ngoba ngiyazi ukuthi umnotho usenhlabathini nokuthi uma benganda abantu abakulo mkhakha, isizwe ngeke silambe,” kusho yena.