AKABAGQIZI qakala abamgxekayo ngokusungula ibhizinisi lokudayisela abazoba nemicimbi yesintu, umqombothi.
UNksz Thembisile Ndlovu (36) waseZondi, eSoweto onenkampani ehlela imicimbi i- Allrounder Theme Events, uqale ibhizinisi elingandile lokudayisela abenza imicimbi yesintu, umqombothi osemabhakedeni. Lokhu ukwenze ngemva kokushayeka kwebhizinisi lakhe nyakenye ngenxa yeCovid 19.
Le ntokazi ibashaya indiva abayigxekayo ngokudayisa umqombothi nabayisola ngokwehlisa isithunzi sesiko lesintu. Ngokujwayelekile utshwala besintu bugaywa kulowo muzi, okuzobe kunomcimbi kuwo.
Le ntokazi ithi uma ikhangisa umsebenzi wayo ezinkundleni zezokuxhumana, abantu baphawula ngendlela abayithandayo. Kukhona abayigxekayo, beyibuza ukuthi yakuzwa kuphi ukuthi utshwala bomcimbi wesintu obenziwe komunye umuzi, buyaphuzwa komunye umuzi? Abanye bayahleka babona sengathi ngeke liye ndawo ibhizinisi lakhe.
Uthe uyayifunda imibono yabantu kanti abanye baphawula kahle bamsize ngokuthi angalithuthukisa kanjani icebo lakhe lebhizinisi ngoba umqombothi usuke wenzelwe umcimbi wesintu.
UNksz Ndlovu uthi ubehlela imicimbi nyakenye ibhizinisi lakhe alibange lisenza kahle ngenxa yokuthi izwe belilokhu livulwa, libuye livalwe.
"Belike livalwe izwe sengithathe imali yabantu kudingeke ukuthi ngiyibusele kubanikazi bayo. Ngabona ukuthi ngeke ngisakwazi ukuphila ngale ndlela kumele ngiqhamuke nelinye isu lokuziphilisa. Ngiqale ngadayisa izimpahla zokugqoka, ziyahamba kodwa azihambi ngendlela ebengifisa ngayo. Ngafikelwa ukuthi ngenze umqombothi engizowudayisa ezindaweni ezidayisa inyama yangaphakathi, okwenziwa ezindaweni eziningi eGauteng ngoMsombuluko, iMogodu Monday," kusho uNksz Ndlovu.
Uthe ubenolwazi lokuthi kulezi zindawo awukho umqombothi kanti ngokwazi kwakhe kuyingxenye yokudla kwesintu ongenza ukuthi kuphelele kahle.
" Ngaqala ngaya kubanikazi bezindawo ngibatshela ngebhizinisi lami. Iningi belingihleka lizitshela ukuthi ngizokwehlisa izinga lendawo uma sengizodayisa umqombothi. Ngenhlanhla bakhona abavumile ukuthi ngebenze. Ngifika nomqombothi wami ngiwufake ezinkomishini ezinhle uma ungazi ungacabanga ukuthi ngesinye seziphuzo, ngeke ucabange ukuthi umqombothi. Ngifika nomqombothi engizowuzwisa abantu bese ngiyadayisa. Kuleyo ndawo engisuke ngikhethe ukuyodayisa baqale bahleke bezwa ngento abangajwayele ukuzwa kuthiwa iyadayiswa,“ kusho usomabhizinisi.
Uthe abanye abantu bamtshela ukuthi okungcono akabafundise ukugaya utshwala ngoba abantu abadala okusuke kuxhunywana nabo ngomqombothi, ngeke bawemukele uma weziwe komunye umuzi.
" Ngaqala ngenza amakilasi a-online okufundisa ukugaya utshwala besintu. Abanye bayazenzela ukhamba olulodwa ekhaya bese obunye bebuthenga kimi kuya ngokuthi umuntu yini akholelwa kuyo. Uma ngikudayisela ngikunika namavovo akhona, ukuze uma ufuna ukuwasebenzisa ukwenze lokho.
“Njengoba sekuvulwe izinhlelo zokuvakasha sengenze izivumelwano nabanikazi bezinkampani zokuvakasha ezisemgwaqweni uVilakazi, khona eSoweto, ukuthi umqombothi wami ube yingxenye yokudla kwesintu okunikezwa izivakashi ezisuke zifuna ukudla ukudla kwesintu. Ngingasho nje ukuthi iCorona yone okuningi kodwa mina ingenze ngabona imakethe ekade ivele ikhona kodwa inganakiwe," kusonga usomabhizinisi.