UCHONYWE uphaphe lwegwalagwala usosayensi onenhlangano ekhuthaza abesifazane ukuthi bangene kulo mkhakha.
UNksz Senamile Masango, odabuka KwaNongoma kodwa osezinze Cape Town, ongusosayensi ocwaninga ngenuzi, inuclear scientist, uchonywe uphaphe kwiWomen of Statue Awards, emunxeni wesayensi ngeledlule.
Le ntokazi ithi abahleli balo mcimbi bayiqoke ngenxa yeqhaza layo ocwaningweni ngenuzi njengoba ingumholi wentsha engamavolontiya ecwaninga ngezinto ezingasetshenziswa ukuze kuphehlwe ugesi kwiBrics Youth Energy Agency. Lesi sikhungo sihlanganise intsha ephuma emazweni abizwa ngeBrics, okuyiBrazil, Russia, India, China neSouth Africa, yena umele iSouth Africa kule nhlangano.
UNksz Masango ungusihlalo wenhlangano egqugquzela abesifazane ukuba bangene emkhakheni wesayensi e-Africa, iWomen in Science and Engineering in Africa (Wise Africa).
"Nyakenye senze ucwaningo lwethu salwethula emhlanganweni weBrics obubanjwe ngezobuchwepheshe ngoba imihlangano emikhulu beyingenziwa ngenxa yeCorona. Kuyinto enkulu kakhulu ukuhlanganyela nabanye abantu abasemkhakheni ofanayo nowakho bakwamanye amazwe, ufunda okuningi. Kunginikeza isibindi sokuthi uma kunethuba elivelayo ngilisebenzise. Kungijabulise kakhulu ukuthi njengoba ngisebenza ngokuzikhandla kukhona ababonayo, ababone ngifanele ukuchonywa uphaphe lwegwalagwala,“ kusho yena.
Ngasohlangothini lwenhlangano yakhe, uthe uyahamba aye ezinkampanini ayocela uxhaso lwemali ezosiza abantu besifazane abangena kulo mkhakha ngoba kuyisifiso sakhe ukuthi bande.
KUNINGI uNksz Masango asekwenzile kulo mkhakha njengoba engowesifazane wokuqala obe yingxenye yethimba lokuqala lososayensi base-Afrika ebelihola ucwaningo ngenuzi esikhungweni ebeliye kuso iCERN, eSwitzerland, ngo-2017. Lesi sikhungo yisona esikhulu esicwaninga ngenuzi eEroupe.
Njengamanje uthe umatasatasa uzilungiselela ukuthi abe ngomunye ongasiza omasipala abafuna ukuziphehlela ugesi wabo njengoba sekuvumelekile lokho manje.
"Ngiyakholwa ukuthi uma omasipala bengaziphehlela ugesi wabo zingancipha izinkinga zikagesi ezikhona njengamanje ezweni lethu. Ngolwazi enginalo ngingakwazi ukusiza omasipala ukuthi bakwenze lokhu yingakho manje ngimatasasa ngihlanganisa imiqingo yami ukuze ngiyihambise komasipala, angifuni ukulinda," ehleka.