UTHANDO aluthole emphakathini wangakubo ngesikhathi egula, lumenze wafisa ukuwubonga ngokuvula inkampani ezovulela abantu bangakubo amathuba omsebenzi.
UNkk Ntombifuthi Ncengwa, ongumsunguli wenkampani iSharp Sharp, eyenza i-yoghurt namasi eseMbulwana, eGreytown, uthi ubengenayo imali yokubonga umphakathi wangakubo omsize ngesikhathi ephethwe yisifo sengqondo ebesimenza ahambe enqunu emphakathini.
Le ntokazi ebingumbhali wezincwadi nemidlalo yomsakazo ebidlalwa emsakazweni, iRadio Khwezi, ithi ngo-2012 yahlaselwa ukugula odokotela abathi yisifo sengqondo.
"Bekuthi uma kungivukile ngihambe nginqunu, ekhaya bangazi ukuthi ngiye kuphi kodwa angizange ngilinyazwe noma nginukubezwe. Kunalokho amalungu omphakathi, ebengigqokisa angibuyisele ekhaya.
“Kuthe uma sengisindile, ngacabanga ukuthi umphakathi engihlala kuwo ngingawubonga kanjani? Ngicabange ukuthi ngeke ngibe nayo imali engingayinikeza wonke umphakathi futhi ukusho ngomlomo akwanele.
“Ngibe sengibona ukuthi angigqugquzele abanye besifazane ukuba sivule inkampani ngenhloso yokuvula amathuba omsebenzi amaningi," kusho yena.
Uthe ubefuna into abazoyenza beseduze kwasemakhaya ngoba kabavumelekile ukuthi bayosebenza kude ngoba baganile.
"Njengoba ngithanda i-yoghurt, ngithe angibheke into engiyithandayo. Ngiqale ngazifundisa ukuyenza, ngifunda ku-internet. Ngaleso sikhathi bekungu-2015. Ngokuhamba kwesikhathi, ngiye ehhovisi loMnyango wezoLimo langakithi, ngiyobuza ukuthi ngingakufundela kuphi ukwenza le mikhiqhizo? Bangitshela ukuthi kunophiko olufundisa ukuyenza," kusho yena.
Uqhube wathi ufunde KwaSizabantu, eKranskop, ophikweni olukhiqiza imikhiqhizo yobisi yakwaBonle, waphinde wafundiswa yinkampani ekhiqiza imikhiqizo yobisi, i-Orange Groove.
"Size saqala ngonyaka odlule ukwenza umkhiqizo ozodayiswa. I-yoghurt iwumkhiqizo wobisi odinga ukuhlolwa uphasiswe. Sithole usizo kwi-Agribusiness Development Agency (ADA), yasitholela abantu abasihlolela ukuthi umkhiqizo wethu uphephile yini nokuthi unaziphi izakhamzimba.
“Umnyango usisize nangokuthi umkhiqizo wethu ubhalwe ukuze ukwazi ukuhlukaniseka kweminye imikhiqizo, i-branding," kusho yena.
Uthe basasebenzela ekhaya, baphakela izitolo zaseGreytown. Kuyenzeka babe nazo izicelo zokuthenga umkhiqizo ezikoleni kodwa azikabi ningi.
“Ukungena ezitolo ezinkulu akulula ngoba bafuna izitifiketi eziningi kodwa okudingwa yiShoprite nePick n Pay, sesikutholile. Inkinga esinayo njengamane ukuthi kumele sithole imishini emikhulu nendawo esizosebenzela kuyo ibe sesimeni esifanele ukuze sikwazi ukukhiqiza omthamo omkhulu.
“Sinethemba lokuthi kuzokwenzeka njengoba umasipala usazama ukusisiza ngendawo esingasebenzela kuyo ngoba ngeke sikwazi ukusebenzela ekhaya uma sesikhiqiza kakhulu.
“Abahloli (inspectors) ababhekelele ukuthi indawo osebenzela kuyo ikulungele yini umsebenzi owenzayo, ngeke bakuvume ukuthi inkampani ye-dairy ibe sekhaya, kudingeka indawo enkulu,” usho kanje.