Nokubongwa Phenyane
INTOKAZI ethathe isicoco sikaMiss SA emcimbini obuseTable Bay Hotel eKapa ngoMgqibelo ebusuku uShudufhadzo Musida (24) ithi izosebenza ngamandla ukusiza intsha nabesifazane abahlaselwe yizifo zengqondo ikakhulukazi emakhaya.
UShudufhadzo, waseHa-Masia, eLimpopo, ungowokuqala ukuthatha lesi sicoco kulesi sifundazwe.
Ekhuluma nabezindaba ngempumelelo yakhe uthe abantu abayesekile iqala ukungenela umncintiswano yibo abayibeke la ikhona manje.
“Ngiyaziqhenya futhi ngiyajabula ngokumela iNingizimu Afrika. Ngiyathemba ukuthi angiyena owokuqala nowokugcina esizweni samaVenda ukuthatha isicoco. Engizokumela kakhulu ukugqugquzela imfundo nezomnotho emantombazaneni asemancane nabesifazane. Kodwa okukhulu kakhulu ukubasiza ezifweni ezithinta ingqondo,” kusho uShudufhadzo.
Uthe ngokuthola ithuba elifana naleli uzoqhubeka nokwenza okuhle okwaqalwa abawine eminyakeni edlule.
“Emakhaya abesifazane bathwala kanzima becabanga izinto ezibuhlungu abadlule kuzo, bangakwazi ukuthola usizo lokwelulekwa ngokwengqondo. Ngizimisele ukubasiza kulokho. Ngiyakholelwa ekutheni kumele umqondo wethu usebenze kahle ukuze sishintshe izinto eziningi ezingalungile kuleli. Ngizohlangana nezinhlangano ezehlukene nginxuse ukuthi sifundise ngokubalulela kokuba nomqondo ophilile kusuka ebuncaneni babo.
“Okunye engizoqinisekisa wukuthi kuyenzeka khona emakhaya wukuthi intsha iyakuthola ukudla nazo zonke izidingo ukuze yenze kahle ezikoleni ekuzo.
“Ukuqala lolu hambo kimi kuze kube yimanje kube yinto engingeke ngiyifanise nalutho. Ngaphambi kokuthi ngingenele uMiss SA, ngangiphupha ngokusiza abesifazane nezingane, ngakho-ke ithuba lami leli. Impilo yami ishintshe kakhulu futhi ayishintshele mina kuphela kodwa nempilo yesizukulwane esiza ngemuva kwami.”
Ngokuphumelela kwakhe uhlabene ngemiklomelo kaR3 million.
Indawo yesibili ithathwe nguThato Mosehle (25) waseKlerksdorp, eNorth West, eyesithathu yathathwa uNatasha Joubert (23), wasePitoli.
Uhlelo beluphethwe usaziwayo uNomzamo Mbatha.
Kunandise uSho Madjozi, Mi Casa, Ami Faku, Sun-El Musician noJimmy Nevis.
Amajaji omcimbi bekuwuZozibini Tunzi, Anele Mdoda, Peggy-Sue Khumalo, Leandie du Randt noKim Engelbrecht.