Zanele Mthethwa
WANQABA ukwenza i-plastic surgery ngoba efuna ukwamukela izibazi zakhe, owesifazane owashiswa wumlilo eneminyaka engu-13.
UNksz Kimberley Malope (33), akusamkhathazi ukubukwa ngenxa yezibazi zokusha ebusweni nasezingalweni. Yize kwamthatha isikhathi ukwamukela ukuthi akafani nabanye, wabona ukuthi ukusinda kwakhe kwakungenxa yamasu kaNkulunkulu.
Utshele Isolezwe ukuthi babehlala noninalume nomfowabo omncane emjondolo eTembisa, eGauteng, ngesikhathi esha.
“Umama wayesebenza emajalidini, ehlala khona. Umalume wayebase isitofu sikapharafini esibekela amanzi okugeza siya esikoleni ngesikhathi kuqhuma isitofu. Kwasha umjondolo, umalume nomfowethu baphuma kuqala. Ngaba ngowokugcina ukuphuma endlini, okwenza ukuthi ngishe kakhulu ebusweni nasezandleni.”
UNksz Malope uthi wahlala unyaka esibhedlela, wahlinzwa kaningi bezama ukulungisa isikhumba.
Ngonyaka olandelayo waphindela esikoleni, impilo isishintshile. Uthi izingane zazihlekisa ngaye, zingaqondi ukuthi kungani engafani nabanye.
Uncome unina athe wayemnikeza isibindi sokuthi aqede isikole. Ngo-2007 waphothula * -matric e-Edenvale High, kwadingeka ukuthi afune amatoho ngoba unina wayengenayo imali yokumfundisa.
Uthe wayengazi ukuthi kuzoba nzima nokuthola umsebenzi ngenxa yezibazi.
“Kwakunzima ukuthola umsebenzi, abantu bekhala ngezibazi zami. Ngikhumbula ngiyofuna umsebenzi wokuba * -cashier esitolo, kwathiwa ngeke kulunge ngendlela engibukeka ngayo,” kusho yena.
UNksz Malope usefundile ukuthi abantu babuchaza ngendlela yabo ubuhle bowesifazane kepha usazitshela ukuthi naye muhle ngendlela yakhe.
“Phambilini bengigqoka izimpahla ezifihla umzimba, ngisaba nokuba phambi kwabantu. Njalo uma ngizibuka esibukweni ngiyazithanda ngoba ngazitshela ukuthi akukho okuzoshintsha. Nganqaba nokwenza i-plastic surgery ngoba ngifuna ukuzamukela nginje,” kusho uNksz Malope.
Waqala ngo-2016 ukweluleka ngokomqondo. Nakhona waqala ngoba esenezinkinga emsebenzini ngenxa yesimo sakhe. Uthi bekumele asebenze kanzima ukwedlula abanye ukuze akhombise ukuthi naye ungumuntu.
Kumanje uNksz Malope weluleka abanye abashile aphinde athule nezinkulumo ezakhayo, uyilungu leNational Burn Association of South Africa. Emuva kokungawutholi umsebenzi wafundela iHospitality Management eNyuvesi yaseJohannesburg ngomfundaze kodwa wangaqeda. Wathola umsebenzi wokuba yi-receptionist eDiplomat SA, inkampani aseyisebenzele iminyaka eyisishiyagalolunye. Uthi le nkampani ayimcwasanga, lokho kwamnika ugqozi lokwenza iHuman Resources Management e-Unisa, azoyiqeda maduze.