CHARLES KHUZWAYO
UKUSHAYWA ngesithende kwabaculi besifazane emicimbini kamaskandi, kubenze basukuma bazibambela mathupha ekuhleleni eyabo.
Bavele basungula ngokuhlanganyana umfelandawonye wamaciko esifazane obizwa ngeZwi LeMbokodo ngenhloso yokuxosha ikati eziko ngemicimbi ezobophela abaculi besibhuda kuphela.
Umgqugquzeli walolu bumbano, uBuselaphi, uthe uhlale phansi nozakwabo okubalwa kubo uNdoni Ndunakazi, Osukasambe, Glama Kamaskandi, Vumile Mngoma, Bonakele noQueen Lolly, baqhamuka nalo mbono.
"Sizozenzela imicimbi yethu ukuze sikwazi ukuziphilisa."
Uthe lolu chungechunge lwamakhonsathi luzoqala ngakubo KwaNongoma Multi-Purpose Hall ngoMashi 5, kusukela ngo-9 ekuseni. Eqhuba uthe ngalolu suku kuzobe kwethulwa ngokusemthethweni inhlangano yakhe, iBuselaphi Gxowa Foundation, ahlose ngayo ukufukula amaciko asafufusa ukuze ahlale ehlome ngolwazi. Uthe kuzoqala kube nenkundla yokucobelelana ngolwazi kusukela ngo-8 ekuseni.
"Kuzobe sekulandela umcimbi obizwa ngeDr Buselaphi Gxowa Foundation #Yaqhuma Imbadada Maskandi Festival # Azibuye Emasisweni. Inhloso yalo msebenzi ukufundisa omaskanda abasakhula ngokuthi umculi uziphatha kanjani uma esazakhela igama nokuthi yiziphi izindawo okumele ahlomule kuzo imali njengomculi?" kusho uBuselaphi.
Uthe lo mcimbi bewungeke ube yimpumelelo ukube akalutholanga uxhaso kuMkhandlu wobuCiko kuZwelonke (NAC), ugologo kaShesha Mashesha noMasipala waKwaNongoma.
Unxuse umphakathi waKwaNongoma namaphethelo ukuba ufike ngobuningi njengoba kungenwa ngoR30 nangoR100 emnyango.