UNksz Nomthandazo Thandi Mavata, uthi ngesikhathi enengcindezi walala esibhedlela. Eseluleme wafikelwa wukuthi aqale into ezosiza abantu besifazane ukuthi bavule izifuba, bakhulume ngezinkinga ezithinta bona, ukuze bagweme ukuhlaselwa yisifo sengqondo.
Uthe yena waba nenhlanhla washeshe waluthola kodwa uyazi ukuthi kunzima ukusheshe uthole usizo uma unalesi sifo. Uthe inkinga eba khona wukuthi abanye abantu kabanayo imali yokuya kongoti abeluleka ngalesi sifo, okuholela ekutheni isifo singene sigxile kumuntu ekubeni nzima nokuselapha.
"Kunzima ukutshela abantu ukuthi unalesi sifo ngoba kulula ukuthi ucwaseke, uthathwe njengomuntu ohluleka ukumelana nezindaba zakhe.
Abantu besifazane babhekene nezinto eziningi, okungaba ngezithinta umsebenzi, ubudlelwane, izinkinga zasemakhaya, ukukhulisa izingane, ukuhlukumezeka okwehlukene, izikweleti nokunye okuningi.
Engikufundile wukuthi uma inkinga ikudla wedwa iyasinda kodwa uma uke wathola omunye umuntu onenkinga efanayo uyehla umthwalo.
Lesi sigcawu abaningi abasibiza ngomcimbi, senzelwa ukuthi abesifazane bafike nezihlalo zabo bazohlala baxoxe nganoma yini ebakhathazayo, bathole nezixazululo ngokubambisana njengoba kwenzeka uma ubopha iduku ekhanda," kusho uNksz Mavata.
Uthe enye inhloso yeDoek on Fleek wukuthi umuntu wesifazane athole ithuba lokushaywa wumoya, engahambi nezingane, umyeni kodwa ehamba yedwa noma nabanye abantu besifazane.
"Isikhathi sakho siyadingeka ukuze uthole amandla amasha okubhekana nempilo," kusho uNksz Mavata.
Uthe yize abaningi lesi sigcawu besibiza ngomcimbi kodwa kasifani nomcimbi lapho kusuke kunohla lwabaculi. Uma kwenzekile waba khona umculi usuke enzela ukuthi abesifazane bajabule.
Kulo nyaka iDoek on Fleek iqeda iminyaka eyisikhombisa isunguliwe. Uthe ngokubona kwakhe iyakhula ngoba isisabalele ezifundazweni zonke futhi kuyenzeka ibe nezigcawu ezine ezisezifundazweni ezehlukene ngempelasonto eyodwa.
Uthe useyenza nakwamanye amazwe njengaseBotswana, Canada, Australia nase-United States.
"Abanye abantu besifazane bayisebenzisela ukugubha izinsuku zabo zokuzalwa, imihlangano yezitokofela, ukukhangisa amabhizinisi abo, ukuvakasha babone izindawo abangazazi nokunye okuningi," kusho uNksz Mavata.
Umcimbi omkhulu kunayo yonke uthe uba ngo-Agasti, okuyinyanga yabesifazane. Omunye olandela ngobukhulu uba ngoMeyi ngoba kusuke kugujwa usuku lomama ngale nyanga.
Uthe eminyakeni eyisikhombisa eyenza le picnic ubone ukuthi kunesidingo sokuthi akhe indawo lapho abesifazane abadinga usizo lokulapheka emphefumulweni bezohlala khona, okungenani isonto elilodwa. Wabe esethenga ipulazi elingamahektha angu-12 000 eMagaliesburg.
"Njengoba leli bhizinisi lingena esigabeni esilandelayo, sengifuna ukuthi sikhulume nangeziye izifo, sakhe umnotho futhi sisize abanye,“ kusho uNksz Mavata.