Zanele Mthethwa
“Ngesikhathi ngiphelelwa umsebenzi ngajoyina enye inhlangano ngivolontiya kuyona. Bengihlala ngizithungela ngidayise umsebenzi wezandla, wathengwa omunye umlungu wangifunela namanye amakhasimende. Ngaqala lapho ukugxila emsebenzini wezandla, ngisebenzisa umshini wokuthunga omncane ekhaya,” kusho yena.
Ngenxa yokuthanda ukudlulisela ulwazi kwabanye, uNkk Shikweni uthe wafundisa abesifazane abambalwa ukuze bakwazi ukuziphilisa. Uveze ukuthi bebethunga izingubo zokulala, ebezithengwa kakhulu yizinhlangano ezinikela ngazo ngeMandela Day. Uhlangane nabakwaNetcare ngo-2015 sesikhulile isibalo sabesifazane asebenza nabo. Yize ethi umsebenzi ubukhula, bekunzima ukuthola umsebenzi kwezinye izindawo ngoba ubengalibhalisile ibhizinisi. Uthe abakwaNetcare yibona abamsizile wabhalisa ibhizinisi lakhe iHluvuko Designs.
“Bekuthi uma sengikhokhelwe bese ngithatha inzuzo ngiyibeke ngagcina ngithenga eminye imishini emikhulu. Lokhu kungisizile ngoba sengikwazi nokuqeqesha abantu abaningi. Ngiyathanda ukufundisa intsha nabesifazane ngoba ngiyakwazi ukuhlupheka ngingasebenzi. Inkinga ukuthi intsha yamanje iyavilapha kanti umsebenzi usekusebenziseni izandla,” kuchaza yena.
Ukubheduka kweCovid-19 kumvulele amathuba omsebenzi uNkk Shikweni, ogcine ethunga izifonyo. Uveze ukuthi kudingeke andise nesibalo sabantu asebenza nabo ngendlela abethola ama-oda amaningi ngayo.
Uthe ngesikhathi kuqala ubhubhane abakwaNetcare ba-ode izifonyo ezingu-10 000. Baphinde bathola ama-oda angu-20 000 kwi-Youth Employment Service ebinohlelo lokuzinikeza abantu mahhala enxanxatheleni yezitolo.
Kudingeke aqashe abanye abebezomsiza, athe iningi labo beliphelelwe umsebenzi ngenxa yeCovid-19. Useqashe abangu-32, abangu-19 kubona yintsha, wathenga nemoto yokusebenza. Ngenxa yokuthi sebebaningi abantu abanezifonyo, uNkk Shikweni usebone elinye ithuba lebhizinisi.
Utshele Isolezwe ukuthi ubevele ethunga ama-track suit ezikole, asegxile kuwona njengoba sekuvuliwe ezikoleni. Okwamanje usebenzela kwakhe lapho ethungela khona afundise nokuthunga.
UDkt Nceba Ndzwayiba onguMqondisi eNetcare, uncome ukuzikhandla kukaNkk Shikweni athe yikona okwenze bamsiza. Uthe bagcine bethungelwa nguyena izikhwama zezingane, ama-pillowcase nezinto ezindlalwa embhedeni.