“EMPILWENI ungenza noma yini uma usebenzisa ingqondo oyiphiwe nguNkulunkulu futhi uma isimo sengqondo sigxila kokuhle ngaso sonke isikhathi.”
Ngamazwi ashiwo yintokazi yaseMelmoth, uSethembile Nzuza (37), ngenkathi icacisa kabanzi ngamandla okuzethemba nokusebenzisa ingqondo uma ungumuntu. Ukholwa wukuthi wonke umuntu angafinyelela ezingeni abengacabangi ukuthi ungafika kulona uma isimo somqondo wakhe, sijula njalo ngezinto ezinhle ezingenzeka.
USethembile uphethe abapheki ehhotela likanokusho iMount Shekinah, eliseBalgowan, maphakathi nesifundazwe. Ungazitshela ukuthi ufunde wagogoda kwezokupheka nokudla ngendlela ashaya into ecokeme ngayo kuleli hhotela.
Uthi akakufundelanga ukupheka kepha wacosha ulwazi ngokuqeqeshwa ngabanye abapheki futhi uthi kumsizile nokuthi ungumuntu ohlale elangazelele ukufunda izinto ezintsha, nokuthuthuka.
“Kungithathe unyaka owodwa ukuqeqeshelwa ukupheka kwathi obunye ubuciko bokupheka nokuphaka, ngazithuthukisa ngakho ngokucwaninga kwi-internet. Angikufundelanga ukupheka ngoba nakhona kuleli hhotela, ngaqala ukusebenza engadini. Ngisebenzela abantu abahlale befuna ukusithuthukisa singabasebenzi, nami ngilitholile lelo thuba njengoba sengiphethe abapheki ehhotela,” kuxoxa uSethembiso.
Uveze ukuthi wahlangana nabanikazi behhotela ngo-2011 ngenkathi bemqasha eCall Centre, ukwenza umsebenzi wokuhlanza ibhilidi.
“Ngo-2017 wangiphelela umsebenzi, sadilizwa kwathi ekupheleni konyaka bangibiza, sebengiqasha ehhotela ukwenza umsebenzi wengadi. Ngokuqhubeka kwesikhathi bangivulela ithuba lokukhula emsebenzini ngokuthi ngiye kopheka ekhishini noma ngenze umsebenzi wokuhlanza indlu (housekeeping). Ngenxa yokuthi bengikuthanda ukupheka, ngagxuma ngahlala. Ngalibamba ngazo zombili ithuba. Nebala bangifaka ohlelweni lokuqeqeshelwa ukuphekela izivakashi nokuthe ngokuqhubeka kweminyaka ngo-2019, ngaqokelwa ukuphatha abapheki,” kuveza uSethembile.
Uma exoxa ngomsebenzi wakhe uyabonakala ukuthi uwuzwa ngaphakathi. Weluleke abantu ikakhulu abantu abasha, ngokuthi bangazenyezi ngokucabanga ukuthi kukhona izinto abangeke bazenze.
“Bheka mina ngiqale ngihlanza (izindlu) enkampanini, ngasebenza engadini, manje sengiphekela izivakashi ehhotela okubalwa nomntakabani nabantu abakhulu. Angimile futhi lapha, ngifuna ukuzithuthukisa kulo msebenzi ngokufunda ngiqhubekele phambili. Ngifuna nabaqashi bami baziqhenye ngethuba abanginike lona,” kuphetha uSethembile emamatheka.