IMBOKODO esembonini yezokuvakasha KwaZulu-Natal, izibambe zaqina ngesikhathi esinzima lapho kube nezimo eziphazamise umsebenzi.
Ngo-2020 kwagadla igciwane iCorona kuleli, okwenza ukuthi kume konke kwezokuvakasha futhi bashayeka kakhulu abakulo mkhakha. Ngo-Ephreli nonyaka kuhlasele uzamcolo onezikhukhula ezikhahlameze ezinye zezindawo KwaZulu-Natal, ezihanjelwa nezisetshenziswa yizivakashi. Ngenxa yokwenyuka ngamagalane kukaphethroli, okudale ukuthi izindleko zimbe eqolo, kusinde kwehlela kubantu lokho kube nomthelela embonini yezokuvakasha.
Noma kunjalo bazibambe zaqina abesifazane abasembonini yezokuvakasha futhi namhlanje siyabahlonipha ngemisebenzi yabo nangobuchule babo.
USolani Mtshali ungomunye wabesifazane esibathulela isigqoko kwezokuvakasha. Unebhizinisi lokwakha nokufundisa ukwakha ubuhlalu eNdwedwe. Uphinde abe namagumbi okulala aheha ngawo izivakashi ezifuna umuzwa wempilo yasemakhaya neyasendulo.
“Ngamukela izivakashi eziqhamuka ezindaweni ezehlukene zilale layi khaya, siphile impilo yesiZulu. Siyakwazi nokuzenzela utshwala besintu, siyazitshengisa sibuye sizifundise nokubenza. Siyazifundisa nokwenza eminye imisebenzi nobuciko bezandla ziphume sekukhona ezikwazi ukukwenza nezikuphethe,” kuchaza uSolani ngebhizinisi lakhe.
Uthi waqala ukwenza umsebenzi wezandla esebenzisa ubuhlalu ngokwenzela amalungu ebandla lakwaShembe, akhonza kulo. Uthi yize kuke kwaba nzima kwezokuvasha kepha akaphelanga amandla ngoba yiwo omphilisayo nomndeni wakhe.
“Ngigxile emsebenzini wezandla njengemigexo, amabhengela nobunye ubuciko. Ngemisebenzi yami yezandla, izivakashi zithola nokufunda ngesiko lethu likaZulu, nokuthi obabamkhulu babephila kanjani endulo. Abanye abalalayo kule ndawo sibanika nethuba lokuyosenga izinkomo ukuze bathole umuzwa oyiwo wempilo yasemakhaya,” usho kanje uSolani.
Omunye nguLisa Malembe, ongumnikazi weBelah BnB, eKwaNongoma, uthi imboni yezokuvakasha uyithatha njengomelaphi, okuthi noma kumuncu empilweni kodwa ilethe imfudumalo.
“Ngisho ngiphatheke kabi emoyeni, uma sekungena izivakashi umoya wami uvele wethabe. Ngikuthanda kakhulu ukwamukela izivakashi, engihlale njalo ngizamukela ngokumamatheka nezandla ezifudumele,” kusho uLisa, izihlathi zivakashele izindlebe.
Uthi okumhlaba umxhwele kakhulu ngendawo akuyo wukuthi kuseHlalankosi nokwenza kufike zonke izinhlobo zabantu endaweni yakhe.
“Sihanjelwa nayizivakashi eziqhamuka phesheya kwezilwandle ezisuke zize esigodlweni zizobona iSilo. Engikuthandayo wukuthi samukela zonke izinhlobo zabantu njengoba nabantu abasuke bezosebenza KwaNongoma baba yizivakashi zethu,” kusonga uLisa.
Kulesi sikhathi kungakhona abanongabazane ngokuvakasha ngenxa yesimo somnotho kepha uLizeka Shandu, we-African Wild Travel, uthi lesi yisona sikhathi sokuvakasha KwaZulu-Natal.
Inkampani yakhe eyasungulwa ngo-2010, idlisa ngokuhlelela izivakashi uhambo oluya ezindaweni ezehlukene.
“Sihlelela izivakashi izindawo zokulala, amaholidi nakho konke okuhambisana nomkhakha wezokuvakasha,” kuveza uLizeka.
Ungomunye wosomabhizinisi abaphuma behleka embukisweni wezokuvakasha, i-Africa Travel Indaba, obungoMeyi nonyaka e-ICC. Lokhu kungenxa yokuthi wakwazi ukukhangisa ngomsebenzi awenzayo futhi wadonsa amehlo abantu abaphuma emazweni omhlaba.
USenamile Masondo uthi yize ibhizinisi lakhe kungelezokuvakasha kepha ngalo uphinde afeze injongo yakhe yokugcina umlando njengoba ephinde afundise ngesikompilo lakwaZulu.
Ungumnikazi waseGugwini Resort eseduze kwaseRichards Bay, lapho izivakashi zakhona zamukelwa ngengoma , ukusina, utshwala besintu nemvunulo yakhona.
“Inhloso yethu wukuthi izivakashi zethu zihambe endaweni yethu zingawuvali umlomo, zihambe ziyotshela abanye ngomuzwa esizinika wona, ukuphatheka kwazo nokufunda ngesiko lakwaZulu,” kusho uSenamile kafushane.
USheril Derby weRabbonis B&B eseVryheid yena uthi amathuba akhona emkhakheni wezokuvakasha, okumele abesifazane bakwenze nje ngukuvula amehlo bawabone.
“Mina ngaqala ukungena kulo mkhakha ngaphambidlana nje kuka-2010 ngicabanga ukuthi indawo yami izosebenza ngaleso sikhathi kepha ngize ngaqala ukusebenza kahle ngo-2015 ngiqala ngamagumbi amathathu kepha manje senginamagumbi ayishumi. Okungisiza kakhulu wukuthi indawo yami njengoba iseVryheid, iseduze kweSwaziland nezifundazwe iMpumalanga neGauteng.
“Engingeluleka ngakho nje wukuthi abantu bawabheke bawafune amathuba ngoba wona akhona,” kusonga uSheril.
Laba besifazane nabanye abasembonini yezokuvakasha sibethulela isigqoko, sithi abaqhubeke nokuqhakambisa ubuhle nokunotha kweKwaZulu-Natal.