ABESIFAZANE bakuleli abalwela inkululeko abake baboshwa ejele iJohn Voster Square, baqophe ifilimu eyiqophamlando, bechaza ngokwakwenzeka kubo ngesikhathi beboshwe kuleli jele elidume ngokuthi lalihlukumeza iziboshwa ezaziboshwele ukulwa nengcindezelo ngezikhathi zobandlululo.
UNkk Mmagauta Molefe we-Mmagauta Molefe Legacy Foundation, naye owayeyisiboshwa kuleli leli jele ngesikhathi sobandlululo, ungumxhumanisi wababeboshwe kulona, abaxoxa ngendlela abaphathwa ngayo.
UNkk Molefe nguye owaya kubaqophi bamafilimi eyocela ukuthi kwenziwe ifilimu lapho kuzovezwa indlela abesifazane abebelwa ngengcindezelo ababehlukunyezwa ngayo kuleli jele manje eselaphendulwa laba yisiteshi samaphoyisa iJohannesburg. Wayekholwa ukuthi lucebile ulwazi abantu abangaluzuza ngabesifazane ababeyingxenye yomzabalazo.
UNkk Molefe waboshwa kuleli jele kulandela ukuthi ebe yingxenye yombhikisho wabafundi wango-1976.
I-Surviving John Vorster Square yethulwe ngokusemthethweni eConstitution Hill ngoMsombuluko, abesifazane abayisishiyagalolunye bachaza ngendlela abebehlukunyezwa ngayo kuleli jele ngesikhathi beboshiwe.
Kule filimu yena nabanye besifazane bakhuluma ngezinto eziningi okubalwa nokuthi babebulawa kanjani ababeboshiwe bese kuthiwe bazibulele bona ngokuziphonsa phansi besuka ezitezi eziphezulu.
UNkk Nomakhaya Khayo Mafuna naye ongomunye wabesifazane owayeboshiwe, uthe: "Ngazibuza ukuthi ngabe nami bazongibulala njengoTimol (Ahmed)? Nganginovalo.“
Waboshwa kuleli jele sekuphele iminyaka emine uTimol owayeboshwe kulona owavele washona ngendlela engaqondakali. Abaphathi bejele babelokhu bethi waziphonsa phansi esuka esitezi seshumi. Uhulumeni wobandlululo yize wawugxekwa ngalokhu kodwa kusolwa ukuthi uTimol wabulawa.
Akuyena yedwa owashona ngokuwa esuka esuka esitezi esiphezulu, baningi abanye okwakuthiwa bashibilika begeza bawa bashona. UTimol wayeboshelwe ukuthi watholakala namaphepha eCommunist Party ayesebhuthini yemoto yakhe.
Eminyakeni emibili eyedlule, leli cala libuyele enkantolo kwatholakala ukuthi uTimol akazibulalanga, waphonswa. Iphoyisa elalikhona ngesikhathi ephonswa phansi esitezi seshumi, libhekene necala lokubulala.
UNkk Mmagauta Molefe uthe wazibandakanya nemibono kaSteve Biko weBlack Consciousness Movement, waba yingxenye yababezabalezela ukukhululeka komuntu omnyama. Wagcinwa eselandelwa ngamaphoyisa, okwaholela ekutheni aboshwe.
Uthe amalungu eBlack Consciousness Movement eSoweto, ayesolwa ngokuthi yiwo ahlohla abafundi ukuthi bamashele ukuthi abafuni ukufundiswa ngesiBhunu ngo-1976.
“Sifuna ukuthi abantu bazi ukuthi abantu besifazane badela impilo yabo belwa nengcindezelo. Intsha yanamhlanje nayo sifuna ikwazi lokho ngoba izinto ezithinta abantu besifazane akukhulunywa ngazo. Kule filimu abayizisulu bazikhulumela bona, bechaza ngokwakwenzeka kubo," kusho yena .
Abanye abantu besifazane abakhulumayo kule filimu wuSibongile Mkhabela, Daphne Khoza, Maleshane Mokoena, Joyce Dipale, Lele Abrahams, Pepe Luthuli no-Unjinee Poonan.
UDaphne Khoza uthe abanye abantu besifazane babephuphunyelwa yizisu ngesikathi bekhahlelwa, beshaywa ngaphakathi ejele.
"Amadoda ayizidlakela ayesishaya esishisa ngogwayi ezingonweni zamabele, ephimisa amazwi ahlambalazayo. Ayeze asho ukuthi sithi siphonswa phansi wona azokwenza ukuthi kube yithina esiziphonsa phansi sizibulale," kusho yena.
Le filimu izophinde ikhonjiswe futhi eConstitution Hill ngo-Agasti 26.