ISITSHUDENI esangena emkhakheni wezobuchwepheshe singakaze siyisebenzise ikhompyutha, siqokelwe ukuba yinxusa labesifazane emkhakheni wezobuchwepheshe.
UNombuso Msweli waseNoorwood eMtubatuba, owenza unyaka wesithathu kwi-Information Technology -Computer Software Development eDurban University of Technology (DUT), uqokelwe ukuthi abe yinxusa labesifazane abesemkhakheni wobuxhakaxhaka bamakhompyutha, iGoogle Women’s Techmakers.
Uzoba yingxenye yabesifazane abangaphansi kohlelo iGoogle Developer Groups (GDG) Cloud, eThekwini.
UNombuso uyimenenja yohlelo olugqugquzela abesifazane ukuthi bangene kulo mkhakha ngokwenza imicimbi yabesifazane ekhuluma ngezobuchwepheshe kulesi sikhungo, iVarsity Genie.
Le ntokazi ithe ngesikhathi ifaka isicelo sokufundela lo mkhakha yayingazi lutho ngawo, yayifuna ukwenza into ehlukile.
“Kwaba wumzukuzuku kimi ukwenza i-password yokungena kwikhompyutha ngoba esikoleni engangifunda kuso ikhompyutha yayingafundwa, neselula ekhaya abasheshanga ukungithengela, ngaba nayo sengifunda uGrade 12,” kusho yena.
Esengenile uthe wangena kolunye uhlelo lwezitshudeni olwenza imicimbi ethinta ezobuchwepheshe khona eDUT. Kulelo thimba uthe kwakunguye kuphela owesifazane ngoba ezobuchwepheshe kuyaziwa ukuthi abesilisa bayashesha kuzo, abesifazane basala emuva.
“Ngesikhathi ngingena ngangifuna ukuthola ithuba elengeziwe lokufunda ngezobuchwepheshe ngoba ngangazi ukuthi anginalo ulwazi olwenele. Ngokuhamba kwesikhathi ngikuleli thimba, ngaqala ukuba nogqozi lokuthi ngigqugquzele abantu besifazane ngokuthi uma senza imicimbi ngishuthe ngifake ezinkundleni zokuxhumana. Uma ngisemakhaya ngichazele abantu abasha ngalo mkhakha.”
Uthe wayebuye asize abanye ozakwabo ngokufaka izicelo esikhwameni esisiza ngoxhaso lwemali yokufunda kusetshenziswa ubuchwepheshe.
“Lokhu ngakwenziswa wukuthi ngangikhumbula ukuthi mina ngangingakwazi ukusebenzisa ubuchwepheshe okusho ukuthi zisekhona izitshudeni ezifana nami ezifika esikhungweni semfundo ephakeme zingakwazi ukusebenzisa ubuchwepheshe. Emakhaya ngiyabagqugquzela ukuze bazi ngalo mkhakha ngoba izinto eziningi njengamanje zizokwenziwa ngazo ezobuchwepheshe. Ngiyabatshela nokuthi lo mkhakha ubanzi ungenza okuhambisana nawe. Ukuba sedolobheni kimina kunginika isikhathi sokuthi ngifunde konke engicabanga ukuthi intsha esemakhaya ingazuza kukho. Ngiyazi ukuthi uma ngiphothula kungenzeka ngingawutholi umsebenzi ngesikhathi engisifisayo, ngaleso sikhathi ngizobe ngiqhubeka nokwandisa ulwazi ngezobuchwepheshe,” kusho yena.
Uthe ukuba yinxusa kusho ukuthi uzothola ithuba lokuhlangana nabesifazane bakwamanye amazwe abakwezobuchwepheshe, afunde angakwazi kubo nabo bafunde kuye.
“Kusasetshenziswa ubuchwepheshe ukuhlangana, uma seyehlile iCorona sizoba nemihlangano ejwayelekile. NgoJuni ngike ngaba nethuba lokuyofunda eThailand.”