ZIHLONISHWE ngeziqu zobudokotela izinkakha zosaziwayo bakuleli, okubalwa uNoxolo Grootboom owayengumfundi wezindaba zesiXhosa kwiSABC1, nomculi wokholo uDeborah Fraser.
UNoxolo uhlonishwe ngoLwesihlanu yiNyuvesi iRhodes, ngeziqu zokuqhakambisa amasiko nezilimi. Kwathi ngoMgqibelo uDeborah wahlonishwa ngegalelo lakhe emculweni wokholo yiNyuvesi iTrinity International Bible, eLimpopo.
Ekhuluma neSolezwe uDeborah uthe, kube yinto enhle ukuhlonishwa ngeziqu ngemva kwesikhathi eside esemkhakheni womculo wokholo.
“Abalandeli bami yibona akade sengibazwela kakhulu ngoba bebehlala besho ukuthi ngendlela engithobe ngayo abantu izinhliziyo ngomculo wami, kumele ngabe kudala ngahlonishwa kodwa bengingeke ngizenzele. Ngiyabonga kakhulu kule nyuvesi sengathi ingaqhubeka ihloniphe nabanye ozakwethu kulo mkhakha okubonakalayo ukuthi sebesebenzile,” kusho uDeborah.
Uthe inyuvesi iveze ukuthi ayimhlonipheli nje umculo kodwa nokuba ngumbhali wezingoma nokuphrojusa ezinye ezakhe nezabanye abaculi bakuleli.
“Mina akukho engikwenzile kuleli ngaphandle komculo. Ngakho ngilapha ngikhona nje namhlanje, umculo wami. Ngiyababongela nabalandeli bami abakhombise injabulo ngesikhathi ngimemezela lezi zindaba,” kuchaza umculi wokholo.
UNoxolo ebhala ezinkundleni zokuxhumana uveze ukuthi uphelelwe ngamagama ngakwenzelwe yiRhodes. Uthe inyuvesi imkhombisile ukuthi uma unethemba noma iphupho, ngelinye liyafezeka.
UNoxolo ushiye ngoMashi nonyaka kwiSABC, ngemva kweminyaka ewu-37 esemkhakheni wezokusaza lapho ubefunda khona izindaba. Emcimbini wokuthweswa kwakhe iziqu bekukhona nosaziwayo abahlukene okubalwa, u-Anele Mdoda, Zizo Tshwethe, Melanie Bala nabanye.