UKUGASELA kweCovid-19 emhlabeni jikelele, kushintshe indlela ejwayelekile obekwenziwa ngayo izinto ukuze abantu bangasuleleki ngegciwane.
Phambilini abantu bekuthi uma kuzofika umntwana, kwenziwe i-baby shower lapho bekugcwala abantu belethe izipho ezinhlobonhlobo.
Kodwa manje sekunendlela entsha yokwenza ama-baby showers njengoba kukhona asebizwa ngama-drive by baby showers, enzelwa eduze kwesango lasekhaya, lapho abantu bengangeni egcekeni kodwa bafike bashiye izipho.
Lena ngenye yezindlela ezehlukile zokwenza lo mcimbi njengoba kubukeka sizogadla maduzane isivuvu sesithathu saleli gciwane.
Imbangela yokungenisa kwale ndlela entsha yokwenza lama-baby showers wukuqikelela ukuphepha kwezimenywa nosingaye (owesifazane ozithwele nosana olungakazalwa).
Lolu hlobo lomcimbi noma lungakandi kodwa ngenxa yesimo lubukeka luzongenisa njengoba izimenywa ziyaye zifike zilandelana ngojenga lwezimoto, ziphethe izipho.
Umhleli wemicimbi, uNksz Nolwazi Zuma, uthe lolu hlobo lwe-baby shower lubukeka lukhathaselwa futhi luyonga nasemalini.
Uthe kulula ukuhlela ama- driveby baby shower futhi awanaso isiphithiphithi esivamise ukuholela ekutheni kube nomdonsiswano uma kuhlelwa umcimbi.
"Into enhle ngalolu hlobo lwama-baby shower wukuthi aphephe kakhulu futhi awadli ephaketheni. Ngiyabona sanda isibalo sabantu abahlela wona. Noma isiphelile iCovid-19, mancane kakhulu amathuba okuthi abantu baphume kuwona ngoba enza zonke izinto zibe lula," kusho uNksz Zuma.
Echaza ngokusemqoka kulolu hlobo lomcimbi, ubale, i-decor, ikhekhe elikhulu namancane anikwa izimenywa, iziphuzo nokudla.
"Kubalekile ukuthi abangani basingaye babe neqiniso futhi basigcine isikhathi kulolu hlobo lo mcimbi njengoba kuba nendawo okuhlanganwa kuyo ukuze abanikazi bezimoto bazikhiphe kanye kanye izipho."
Omunye wabahlela imicimbi uNksz Makhosi Mazibuko, uthe ama- driveby baby shower iyona ndlela okumele abantu bazijwayeze yona njengoba umhlaba ulwa nokubhebhetheka kweCovid-19.
"Yize engakajwayeleki, mahle kakhulu ngoba avikela unina wengane, umntwana ongakazalwa, umndeni nabangani abasuke behambise izipho. Ngicabanga ukuthi azosiza kakhulu njengoba kubukeka emaningi amathuba esivuvu sesithathu kuleli," kubeka uNksz Mazibuko.
Eqhuba uthe lolu hlobo lomcimbi luphinde luhambisane kakhulu nomama abazithwele, abangazwani nokuchitha isikhathi esiningi nabantu.
Ongakwenza uma uhlela i-drive by baby shower ngokusho kwabahlela imicimbi:
Qikelela ukuthi zonke izimenywa ziyayazi indlela eya emcimbini ukuze zizishiye kanye kanye izipho
Zama ukuthi abangenazo izimoto, bagibele kulabo abanazo ukuze ungasuki umsindo
Umndeni kumele kube yiwo ohamba phambili ekuhlelweni kwe-drive by baby shower ukuze kungabi nomdonsiswano ophazamisayo
Qikelela ukuthi izimenywa azihlukani nezifonyo
Yenza isiqiniseko sokuthi zanele izinto zokuhlanza izandla esizosetshenziswa yiwo wonke umuntu.