AKAYINGENI eyokuhlala phansi azidabukela owesifazane waseMtubatuba, owanqunywa izinyawo zombili. UNksz Linda Lembede (28), ongumsunguli wenkampani iBilateral Queen, ephekela imicimbi iphinde ibolekise ngezitsha, uthi wathatha isinqumo sokuthi ngeke aphile ngemali yempesheni yokukhubazeka ekubeni enengqondo.
Le ntokazi ithi yazalwa inesifo sikashukela, kwathi ngo-2017 yaphoqeleka ukuthi ishiye izifundo zeBusiness Management ngenxa yokushintsha kwempilo, lokho kwaholela ekutheni inqunywe unyawo lokuqala.
"Unyawo lwaqala lwabuhlungu kepha anganganaka. Ngokuhamba kwesikhathi lwashintsha lwabamnyama, ngagcina ngingasakwazi ukuhamba ngesicathulo esivalekile. Bengilokhu ngiya kodokotela ngithathwa isicubu kwenziwa zonke izinto kwanhlangazimuka nomoya. Kwagcina kuphoqelekile ukuthi ngibe nemoto engisusa emqashweni ingiyise eklasini, okuyindawo ebengiyihamba ngezinyawo. Ngakolunye uhlangothi unyawo lwalulokhu lunezinkinga lwagcina seluphendukile, okwangaphansi kwaba ngaphezulu. Kwaphuma ubomvu, kubuhlungu sengathi nginezinalithi. Ngabona ukuthi akusekho ukujikela emva kwendlu kumele ngiyonqunywa," kuchaza uNksz Lembede.
Uqhube wathi kwathatha isikhathi ngaphambi kokuthi aphume endlini ngemuva kokunqunywa ngoba wayesaba ukuthi abantu bazothini.
" Ngesikhathi nigsesesibhedlela ngathola umsamariya owathi uzokhokhela izifundo zami zokupheka uma ngithanda ukuzenza. Ngo-2019 ngathatha isinqumo sokuthi ngiyeke ukuhlala ngikhala, ngizibuza izinto eziningi njengokuthi ngubani ongathatha unkosikazi ongenamlenze? Ngingazi ukuthi ngisazonqunywa omunye," kulandisa yena.
Waqala ukufundela ukuba ngumpheki (chef) kodwa akuphelanga isikhathi eside, olwesibili unyawo lwaqala lwabuhlungu.
" Kulokhu yonke into yayishesha ngagcina sengihluleka ukusuka endlini engihlala kuyo ngiye ekilasini. Ngisho othisha bangitshela ukuthi angihambe ngiyolungisa impilo yami. Ngaqale ngazindela ngaqhubeka nokufunda kodwa ngingasayi ekhishini," kusho yena.
Uthe wayengacabangi ukuthi uzozwa ubuhlungu obungaka uma etshelwa ukuthi kumele lunqunywe nolwesibili unyawo kanti uma enqaba uzoshona.
" Inhliziyo yami yaba buhlungu ngoba ngase ngamukele ukuthi nginonyawo olulodwa. Ngemuva kokunqunywa ngabuyela ekhaya ngahlala ngedwa nginokhwantalala," kuchaza umpheki.
Nyakenye uthe wabuyela esikoleni kodwa umsamariya obemkhokhela wathi ibhizinisi lakhe liphazamisekile ngenxa yeCovid-19 ngakho-ke ngeke esakwazi ukumkhokhela ukuze aqedele izifundo zakhe.
" Kwaba buhlungu kodwa ngazitshela ukuthi angisabheki emuva ngizoqala ibhizinisi lami lokupheka ngisebenzise ulwazi enginalo. Kumanje ngenza lowo msebenzi. Akukakafiki lapho ngifuna khona ngoba iCorona yangiphazamisa kodwa ngiyakwazi ukuziphilisa. Inhloso yami ukuthi ngithule umthwalo kudadewethu okhokhela umshwalense wezempilo wami (medical aid. Ngikwazi ukufeza iphupho engangivele nginalo ngaphambi kokukhubazeka. Yingakho uma ngithole ithuba ngiye ngibhale ezinkundleni zokuxhumana, ngikhuthaza abantu ukuthi basukume banyathele izinkinga ngoba nami ngikhuluma ngento engiyenza zonke izinsuku," kusho uNksz Lembede.