UKUPHAZANYISWA yiCovid-19 eyaphoqa ukuthi avale ibhizinisi lakhe lokucwala izinwele nezinzipho, akumthenanga amandla usomabhizinisi waseBergville, osevule indawo eyenza lo msebenzi eThekwini.
UNkk Thenjiwe "Mrs K" Khumalo kwakusanezinyanga evula i-D'light Beauty Salon eMidrand, eGauteng, ngesikhathi kuhlasela ubhubhane ezweni. Uthi yize aphoxeka ngenxa yesimo esaguqula zonke izinhlelo zakhe ngo-2020, akazibekanga phansi njengoba umsebenzi wokwenza abantu babukeke, kuyinto akholwa ukuthi unobizo lwayo.
"Asinaso isikhathi esanele sokuhlangana sijabule njengabantu besifazane ngenxa yemisebenzi, imindeni okumele siyinakekele nakho konke okunye okwenza sihlezi simatasa. Yingakho-ke ngingafunanga ukuyekelela iphupho lami, lokuhlanganisa imbokodo ezithandayo, lishabalale kanjalo nje,“ kubeka lo somabhizinisi osanda kwethula indawo yakhe esikuFlorida, eThekwini.
Eqhuba uthe imicimbi yama-high tea eyayihlanganisa abangani bakhe emzini wakhe, yaba nomthelela omkhulu ekutheni avule indawo yokucwala izinwele nezinsipho.
Uthe ngale ndawo akahlosile nje kuphela ukwenza abantu babukeke bebahle kodwa uhlose nokuphilisa imiphefumulo yembokodo njengoba ephinde enze imicimbi yabesifazane abafuna ukuthi bake bakhohlwe kancane yizingqinamba zempilo.
"Isifiso sami ukuthi i-D'light Beauty Salon ikhule, isabalale nasezindaweni zabamnyama. Empeleni sihlose ukwandisa isibalo samakhasimende abantu abamnyama njengoba sicwala izinwele zomuntu omnyama," kusho yena.
Phakathi kwezinto ezenziwa kule ndawo kubalwa ukubhucungwa kwemizimba, ukuphaqulwa nokulungiswa kobuso (facial), ukufakwa kwezinkophe, ukuncishishwa kwemizimba ngemishini, ukujima nokunye.
Ephetha uNkk Khumalo, uthi imicimbi yezingane ngezinye yezinto abazenzayo njengoba abanye abazali bethanda ukuthi izingane zabo zamantombazane zizizwe ziyizicukuthwane ngosuku lwazo lokuzalwa.