USIHLALO we-IFP Women's Brigade (IFPWB), uMntwana uPhumzile Buthelezi, ukhwele wadilika kubantu besifazane ababekezelela ukuba ukudla kwenduku ngoba bethi bagqiba ihlazo lomndeni.
UMntwana Buthelezi ukusho lokhu ngesikhathi ehambele umcimbi wokubungazwa kwabesifazane obuhlelwe wuMasipala iBig 5 Hlabisa obuseHluhluwe.
Uthe uma kukhona ukuhlukumezeka okwenzekayo komama, omakhelwane kumele bangenelele kungakonakali kakhulu.
"Asiyeke ukuziyekelela sibe yizisulu zalesi sihlava. Ayiphele indaba yokuthi uma kuhlukunyezwa unkosikazi kuthiwe akubizwe umndeni. Ake sizikhumbule ukuthi nathi sinawo amalungelo. Asingavumi nhlobo uma kuthiwa ayikhulunyelwe phansi eyokushaywa komama," kusho yena.
Ube esexwayisa omama ukuthi bayeke ukuphisana ngezingane zabo kwabesilisa ngoba befuna amagilosa okudla.
Uthe abesifazane abayeke ukwesula amacala okuhlukunyezwa yilabo abathandana nabo.
"Umuntu uma ekuthanda ngeke akushaye futhi akulimaze. Kuqala ngempama, kwenyukele kube yisibhakela, kugcine sekuyisibhamu. Abantu besifazane bayazibona izimpawu kodwa bathule," kusho uSihlalo we-IFPWB.
IMeya yoMkhandlu weBig 5 Hlabisa, uMnuz Comfort Khumalo, ithe inhloso yomcimbi ukubungaza abesifazane ababambe iqhaza esikhathini sobandlululo nalabo abesimanje abenza kahle.
"Kulesi sikhathi abesifazane abasawaphathi amapasi ngenxa yabesifazane ababamba iqhaza ekulweni nengcindezelo.
Siyafisa-ke abesifazane balekelele ekubambeni iqhaza baphinde baziphathe ngendlela efanele. Siyafisa futhi ukuthi behlise izinga lophuzo oludakayo asebengene shi kulo. Kwabesilisa, sifisa bahlukane nomkhuba wokuhlukumeza abantu besifazane," kusho uMnuz Khumalo.