YIZE ukuthengwa kwezimoto eNingizimu Afrika kuya ngokuba ngcono kodwa inkinga ayikapheli.
Lokhu kushiwe yisikhulu seNational Association of Automobile Manufacturers of South Africa (Naamsa) uMichael Mabasa ngesikhathi ephawula ngezibalo zokudayiswa kwezimoto ngo-Okthoba.
"Yize ziqina izibalo zezimoto ezithunyelwa kwamanye amazwe kodwa silokhu sinovalo ngemibiko yokubuya isibili kweCovid-19 e-Europe nokungase kuphazamise isikhathi esisele kulo nyaka," kusho uMabasa.
INaamsa ithe izibalo zango-Okthoba zikhombise ukuthi kuqhubekile ukwehla kokuthengwa kwezimoto njengoba zibe ngu-38 752. Lesi yisibalo esehle ngo-13 216 noma u-25.4% uma kuqhathaniswa no-51 968 owadayiswa ngo-Okthoba wonyaka odlule.
Kuzona zonke izimoto ezidayisiwe ezingu-38 752, ezilinganiselwa ku-32 478 noma u-83.8% udayiswe emagaraji u-9.4% uthengwe yizinkampani eziqashisa ngezimoto, u-3.8 uthengwe nguhulumeni kwathi u-3.0% kwaba ngowezinkampani.
Izimoto ezincane ezithengiwe zibe ngu-26 793 nokuyisibalo esehle ngo-9 106 noma u-25.4% uma kuqhathaniswa no-35 899 owathengwa ngesikhathi esifanayo nyakenye.
Ukuthengwa kwamaveni namatekisi kume ku-9 644.
Isibalo sezimoto ezidayiswe ngaphandle sehle ngo-7 792 noma u-18.9% uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule. Zibe ngu-33 474 kanti ngonyaka odlule zazingu-41 266.
Uma kubhekwa unyaka wonke kuze kube yimanje isibalo sehle ngo-119 803 noma u-35.3% uma kuqhathaniswa nonyaka odlule.
ULebogang Gaoaketse, oyiNhloko yezokuXhumana kwaWesBank Vehicle and Asset Finance uthe u-Okthoba ube yinyanga yesine kulandelana isibalo sokuthengwa kwezimoto sikhuphuka.
Uthe sikhuphuke ngo-1 516 uma kuqhathaniswa noSepthemba.
Izimoto ezidayise kakhulu yilezi:
– VW Polo Vivo - 2 259
– Ford Ranger - 2 203
– VW Polo - 2 195
– Toyota Hilux - 1 390
– Toyota Fortuner - 1 349
– Toyota Hiace - 1 265