ZIYAKHATHAZA izigameko zokugetshengwa kwabagibeli kanjalo nabashayeli beBolt, okungenye yama-app ezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile.
Ubugebengu obunyantisa igazi benzeka nhlangothi zonke, kubagibeli kanjalo nakubashayeli.
Sekukaningi Isolezwe libika ngezigameko zokubulawa kwabashayeli balezi zimoto, abasolwa kube ngabantu ebebezenza abagibeli.
Ukwenza isibonelo nje, ngasekuqaleni kukaJulayi nonyaka, uMnuz Lungisani Cele (28) owayehlala eLindelani, eThekwini, engowokudabuka ePort Shepstone, watholwa eshiswe nemoto yekhe iTotoya Corolla Cross emva kokuphuma ebubusuku eyothatha ikhasimende.
Ngesikhathi Isolezwe likhuluma nezihlobo zakhe, zaveza ukuthi ikhasimende lalithe akeze azolilanda kwa-E eNtuzuma, nokuyilapho isidumbu sakhe satholwa khona.
Izihlobo zathi umufi wayelaliswe ezihlalweni zangemuva nokwabenza basola ukuthi uqale wabulawa ngaphambi kokuthi ashiswe nemoto. Baphinde bathi banezinsolo eziqinile zokuthi umuntu obecele ukuthi azomthatha uyathinteka ekubulaweni kukamufi.
Isolezwe lake labika nangesinye isigameko esehlela owesifazane waseMatendeni eNanda owagetshengwa nomngani wakhe wumshayeli walezi zimoto nomngani wakhe ngesikhathi becee ukuhanjiswa ndawana thize.
Waveza ukuthi ngosuku lwesigameko babiza imoto nomngani wakhe befuna ibathathe eMatendeni, ibayise enkabeni yeTheku.
Wadalula ukuthi wafika kahle umshayeli, wabathatha ngale kokuthi basole ukuthi ‘yisigebengu’.
Wathi kwathi imoto isihambe ibangana, umshayeli wacela ukumisa imoto ekhala ngokuphiswa umchamo, bethuka bacishe boma esebuya nomngani wakhe behlome ngezibhamu, babafuna amaselula ngodli ngaphambi kokubehlisa emotweni ngesidlozana bakhala amaphepha.
UMnuz Simphiwe Nzuza wakwaP eMlaza, oke waziyisebenzisa le-app kodwa wakhetha ukuyilaxaza emuva kokusinda emlonyeni wengwenya, akalukhohlwa namanje usuku acishe afa ngalo.
Elandisa Isolezwe uthe, kwakunguJuni 2020, ethola isicelo somuntu ofuna ukususwa emgwaqweni u-Anton Lembede (Smith Street) eThekwini, ayiswe eClermont.
“Ngathi uma ngifika, ngathola ukuthi abesilisa ababili, abagqoke kahle, abangasolisi ngalutho. Endleleni babehamba bezixoxela ngokuthi nabo banazo izimoto ezenza lo msebenzi, bexoxa nangezingqinamba umsebenzi oza nazo,” kuchaza uNzuza.
Uthe ngabe uhubhuza aluhlaza uma engathi yayikhona into eyayikhombisa ukuthi ulayishe izigebengu ezizomenzakalisa kungekudala.
“Indaba yaqala sesizofika ngakulo muzi ababethe baya kuwo. Baqala benza izingcingo ezingaqondakali, ezikhomba ukuthi ngeke ngisabehlisa kulowo muzi. Bagcina bethi bacela ngithi ukuqhubeka kancane ngemoto ngoba sebefuna ukwehla ngaphambidlana,” kusho uNzuza.
Uthe wathi uma eyimisa nje imoto, ofeleba badonsa izibhamu, bamtshela ukuthi “bayasebenza manje”.
Uthe bambopha izandla nezinyawo, bamshutheka okuthile emlonyeni, bamvala namehlo, bamphosa ebhuthini, zaya.
“Ngasizwa ukuthi ukhona ubaba owabona bengiqhuba beyongifaka emjondolo, engagcina ngithola ukuthi iseKK khona eClermont. Weza wazongikhulula, kwayima ngibika ukuthi imoto iduniwe,” kusho uNzuza.
Uthe kwathi uma ibanjwa, kwaficwa amaselula ayisikhombisa nama-laptop ayisihlanu, athi wathola ukuthi abasolwa basala basebenzisa i-app yakhe ukwamukela izicelo zabagibeli, ababethi uma sebengaphakathi, babagebenge.
Uthe kuningi okungenziwa abanikazi be-app ukunciphisa ubugebengu.
Enza isibonelo uthe kufanele babe nohlelo lokuqinisekisa ngokushutha isithombe kungazelelwe ukuthi umshayeli kusewuye yini lo okubhalwe phansi ukuthi usebenzisa imoto.
“Akuthi uma umshayeli ehluleka ukwenza lokho, icinywe i-app, angakwazi ukuyisebenzisa. Akungabi lula ukuthi umuntu asebenzise imininingwane yomunye umshayeli noma ahambe ngemoto engabhalisile ngaphansi kwegama lakhe kwi-app. Akube wumthetho ukuthi umgibeli afake imininigwane yakhe yasebhange noma ezosebenzisa imali engukheshi ukuze athi noma enza ubugebengu kulandeleke ukuthi ungubani,” kusho uNzuza.
Kubagibeli, ikakhulukazi abesifazane, abavame ukuba yizisulu, uthe kukhona okufanele bakubheke okusuke kuyizinkomba zokuthi bangase bagetshengwe.
“Musa ukuyigibela imoto engafani nale okhonjiswe yona ngesikhathi umshayeli amukela isicelo sakho sokugibela. Musa ukugibela uma ubona umshayeli owehlukile kunalo obesesithombeni ngesikhathi wenza isicelo. Uma umshayeli efika ehamba nomunye umuntu, ungangeni kuleyo moto. Uma uhlangabezana nokukodwa kwalokhu, ungalokothi ugibele,” kwexwayisa uNzuza.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa axwayisa abasebenzisa izimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile ukuthi baqaphele uma bezisebenzisa.
Uthe abagibeli akufanele bagibele emotweni abayibona isolisa.
“Kubalulekile ukuthi uthumele imininingwane yemoto ekuthathayo neyomshayeliesihlotsheni, nokuthumela ubufakazi bokuthi imoto isikuphi nendawo (live location), nakho kubalulekile,” kusho uNetshiunda.
Uphinde wexwayisa ngokuthi okunye okufanele bakugweme ukusebenzisa lezi moto bephuze uphuzo oludakayo ukugwema ukuba ngabagilwa bobugebengu kalula.
“Uma uphuzile, kungcono ukuthi ucele umuntu omaziyo ukuthi akakugoduse. Kubashayeli balezi zimoto nabo kufanele baqaphele ukuthi bangabagibezi abantu abasolisayo. Ukuphepha kwabo kufanele bakubeke phambili, kunokugijimisa imali esheshayo,” kusho uNetshiunda.
Wengeze ngokuthi bonke abasebenzisa lezi zimoto kufanele babe nezinombolo zamaselula nezezingcingo (landline) zabaphathi beziteshi ezisondelene nabo ukulungiselela ukubashayela ucingo noma inini uma kunesimo esiphuthumayo.