UPHUTHUNYISWE enyangeni owesifazane oshaywe umphezulu washona ngesikhathi ehamba nodadewabo osindile esehlakalweni esenzeke emgwaqweni u-R34 eSigqokweni eDenny Dalton, oLundi, ngoLwesihlanu.
Kubikwa ukuthi udaba luze lwabikelwa amaphoyisa aseMpungamhlophe, ngoMgqibelo, kwayimande kuvulwa idokodo ngokushona komuntu.
Kuvela ukuthi umufi uNksz Mazet Mbatha (27) waseMahlathini, oLundi, ubekade ethunyiwe nodadewabo omncane.
Kuthe ngesikhathi sebesendleleni ebuyela ekhaya, umufi washaywa umphezulu wathulela khona lapho.
UMnuz Sifiso Mbatha ongowomndeni ulandise wathi ngoLwesihlanu izulu laduma ntambama ngabo-3 futhi akubanga yisikhathi eside.
“Kuqale kwangena ibhola lelangabi egcekeni, langamthola uma ubuka isimo, lase liyaphuma. Lihambe laya ezintabeni lapho elimthole khona endleleni. Bebekade bethunywe emndenini nodadewabo omncane ofunda u-matric yena osindile,” kuchaza uMbatha.
Uveze ukuthi umufi bekulindeleke ukuthi athweswe iziqu zasekolishi ngonyaka ozayo.
“Sicela iziphathimandla zisifakele izikhonkwane endaweni ngoba siwumndeni sihlalele ovalweni, siyesaba. Iyaqala ukwenzeka into enjena emphakathini,” kuchaza uMbatha.
Uchaze ngesimo sezulu sakuleya ndawo, wathi livamile ukuduma uze uzitshele ukuthi liduma kini kuphela.
“Phambilini, kwafika umfundisi wathi kunesibonakaliso, kumele kuyokhulekwa entabeni. Umphakathi waphuma ngobuningi bawo wayokhuleka entabeni. Kwaphuma isibonakaliso esasithi usuku lwangoLwesithathu ingathintwa into ewumhlabathi, akulinywa futhi akucentwa ngoba kuhlonishwa izulu,” kubeka uMbatha.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe kuphenywa idokodo mayelana nokushona kukamufi.
“Umndeni wakhe umthathile wamusa kumelaphi wendabuko, ongakwazanga ukumsiza. Ube esebatshela ukuthi abathathe umufi baye naye kubo. Udaba luze lwabikwa emaphoyiseni ngoMgqibelo,” kusho uNetshiunda.