KUSOLWA umsindo wokulahleka kwezinkomo kudutshulwa kubulawa izihlobo ezimbili eBhokweni, oLundi, ngoMgqibelo.
Kulesi sigameko kubulawe uMnuz Muziwokuphiwa Khanyile (70) nomzukulu uMnuz Mlando Khanyile (20). Kuphinde kwadutshulwa nesinye isihlobo, okuthiwa singeniswe esibhedlela, sabuye sakhishwa emva kokwelashwa.
Kuthiwa abafi bahlaselwe bezihlalele ngaphansi kwesihlahla, beluse izinkomo ebeziphuza amanzi echibini ngasesitolo kwaNxele.
Okuvelayo ngabazibonele isigameko, kuthiwa bababonile abasolwa ukuthi baphume komunye wemizi yakwaKhanyile endaweni, futhi bebengazifihlile. Kuthiwa isigameko senzeke phambi kwezingane ezincane, ezinye zazo ezibaleke zagibela esihlahleni.
Isolezwe lithole ukuthi abasolwa baqale badubula uMlando ngaphambi kokujikela kuMuziwokuphiwa.
Isihlobo esicele ukungadalulwa, sithe lesi sigameko selama esokubulawa kukaMfu Khanyile okuthiwa ubekhonza kwaShembe.
“Yena udutshulelwe ekhaya ngoLwesibili. Abahlaseli bangena bamdubula ezibukela ithelevishini,” kusho umthombo.
Uqhube wathi esigamekweni sokufa kukaMfu Khanyile, kunukwe abafi, yize lezi zinsolo zishiye imibuzo emphakathini.
Uthe abantu bazibuza ukuthi uMuziwokuphiwa ubengadubula bani njengoba ebengasenamandla atheni?
Ubuye wathi abanye baxakwa ukuthi uma bekuyibo abahlasele umfundisi bebengaya kanjani ukuyohlala bakhululeke ngasesitolo ngoba kuseduze komuzi wakhe?
Uqhubeka nokuchaza umthombo, uthe esinye isihlobo salahlekelwa yizinkomo ezingu-12 eminyakeni eminingi edlule.
“Kuthe sekwakhohlakala ngesigameko, kunomcimbi komunye wemizi yakwaKhanyile eminyakeni embalwa edlule, kwakhona isihlobo esathi sesiphuzile siyazazi sona izinkomo ukuthi ziphi. Sathi ziseMsinga, sathembisa ukuthi sizozibuyisa kodwa kwangenzeka,” kusho umthombo.
Uthe kwaqala lapho ke ukudutshulwa kwabantu emndenini.
“Sekuthi uma kubulewe othile, uhlangothi oluthile, ludubule lowo olumsolayo,” kusho umthombo.
Uveze ukuthi njengoba kubulewe uMlando manje, nyakenye kwabulawa uyise, uMnuz Siqu Khanyile.
USiqu kuthiwa walanywa omunye uKhanyile okuthiwa wadutshulwa ebuya kolanda ingane esikoleni, wabekelwa izinguzunga zamatshe emgwaqweni, wathi uma ehla ewasusa, wadutshulwa waphelela lapho.
Umthombo uveze ukuthi udaba lwezinkomo seluke lwangenwa nayizinduna nenkosi yendawo kodwa bayabona ukuthi kunhlanga zimuka nomoya ngoba kusaqhubeka ukuqothwa kwabantu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMahlabathini, aphenya amacala amabili okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala kulandela isigameko sokudubula oBhokweni, oLundi, ngoMgqibelo.
Uthe izidumbu zabafi amaphoyisa azifice phansi kwesihlahla esiseduze nechibi, wathi amaphoyisa ayaphenya.