IMOTO: GAC MOTOR GS3 EMZOOM
INKAMPANI yakamuva yaseChina ukufika eNingizimu Afrika, yiGac Motor ezibule ngeSUV iGS3 Emzoom.
Kungenzeka ukuthi iGac Motor ngeyaseChina kodwa ilethwa eNingizimu Afrika yiSalvador Caetano okuyinkampani yasePortugal. Yenza izinto ngendlela ehlukile njengoba iqashe noMnuz Leslie Ramsoomar odabuka kuleli ukuthi kube wuye umphathi othweswe ijoka lokufaka izimoto zakwaGac Motor ezinhliziyweni zabathengi.
I-GS3 Emzoom abayethule kuqala ihlukene ngezinhlobo ezintathu eziqala kuR469 900 okuyiComfort, Excecutive neR-Style. U-"last number" iR-Style yiyo esithole ithuba lokuyibonela eduze.
I-Emzoom ingena embangweni oshubile wezimoto lapho kukhona iToyota Corolla Cross, Kia Seltos, Omoda C5 nezinye.
Ngaphandle iyabukeka njengoba i-sporty. Ishaya nge-grille ephicwe kamnandi bese iba nama-LED headlights azikhanyelayo uma kuba mnyama kanjalo nama-daytime running lights.
Kwi-grille kunombala osawolintshi ophinde ube nakubhampa ngezansi engicabanga ukuthi bekungaba kuhle ukuthi kube kumuntu ukuthi akhethe ukuthi uyawufuna yini.
Engikuthandayo wukuthi iphakeme, ubhampa lo awushayi phansi yize ngingazitholanga izinombolo ngokuthi igabade ilishiye kangakanani.
Amasondo ehamba ngawo anamarimu angu-18 inch. Izibambo zezicabha ziyasithela zivele uma ufuna ukuvula.
Ngemuva izinqawe ezimbili ziyawadonsa amehlo. Empeleni zikuqhatha nabantu ngoba abanye bebecela ukuthi ngibazwise ukuthi iduma kanjani.
Ngemuva bakhohlwe wukufaka i-wiper ukusula iwindi emvuleni noma uma selingcolile.
I-Emzoom ubude bayo bungu-4 410mm okuyenza ibe mfishane kancane kwiCorolla Cross engu-4 455mm kodwa ibe yinde kuneSeltos yona engu-4 365mm.
I-wheelbase ingu-2 650mm. Yinde kuneye-Corolla Cross engu-2 640mm neyeSeltos engu-2 610mm.
Lokhu kuyenza ivuleke kahle ngaphakathi ukulayisha abagibeli abayisihlanu. Engikuthandayo wukuthi ngemuva ayiphakeme ezinyaweni phakathi nendawo nokwenza ophakathi nendawo akhululeke.
Lapho incane khona yisebhuthini lapho isikhala singu-341l ekubeni iCorolla Cross iphethe esingu-440 litres.
Izihlalo ziyisikhumba futhi ezangaphambili zihlelwa ngogesi.
Ngaphambili ine-touchscreen infotainment system engu-10.25 inch. Yilapho owenza khona izinto eziningi njengokuxhuma iselula nge-Apple CarPlay ngaphandle kwentambo. Inkinga wukuthi ibibuye ibe nobuhixihixi icime. Kusona lesi screen uphinde uhlele khona izibuko emaceleni, uvula ubhuthi, amawindi ne-sunroof uphinde ukuvale khona nokunye. Ngiyakuthanda ukuthi bafake indawo yokushaja ngaphandle kwentambo, inezindawo eziningi zokubeka izinto, digital instrument cluster oyishintshayo ukuthi iveze kanjani.
Izinga ngaphakathi lisezingeni, ayikhalisi.
Uma usuyifaka emgwaqeni ihamba ngenjini engu-1.5 litre turbo kaphethroli enamandla angu-130kW ne-torque engu-270Nm. U-gearbox uyi-7 speed automatic.
Ngiyizwe ihamba kahle, inamandla uma usuyifake kuSport. Nasemabhampini ayizweli kakhulu futhi ayinamsindo ngaphakathi. Izinqawe ezimbili ziyandonda kodwa hhayi kangako. Kuphethroli, bathi idla amalitha angu-6.2l/100km kodwa kimi ibihleli ku-8.6l/100km.
Okuhle wukuthi ifika nenqwaba yezinsiza zomshayeli ongadingi ukuthi wengeze mali uma uzifuna.
Kubalwa i-cruise control, ama-sensor asiza uma upaka, ikhamera ngemuva, adaptive cruise control, iyabhreka uma izoshayisa nokunye.
Izinhlobo ze-Emzoom ezingaphansi kwe-R Style nazo zinothe ngezinto eziningi ezifika nazo nengibona kuyizona ezihehayo. I-R Style ikahle kodwa kumele ungene ugamanxe ephaketheni.
Intengo:
• GS3 EMZOOM 1.5L T R-Style – R549 900
Ifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-60 000km.