IMOTO: HYUNDAI Kona N ne-i30 N
AKUVAMISILE ukuthi iHyundai ibe sematheni kuTwitter kodwa ngesonto eledlule, ibiyindaba egudwini.
Kungenxa yokuthi kwethulwe iKona N yokuqala ngqa, kanjalo ne-i30 N ethuthukisiwe. Okuhlukile ngalezi zimoto, kulezo zakwaHyundai ezijwayelekile, yindlela ezibukeka ngayo kodwa imfihlo enkulu ingaphansi kwebhonethi.
Kunenjini engu-2.0 litre turbo kaphethroli enye yezinto eziningi ezifana ngazo. Ikhafula amandla angu-206kW netorque engu-392Nm.
Ngesikhathi ifika okokuqala i-i30 N ngoFebhuwari ka-2020, enye yezinto abantu abakhala ngazo ukuthi itholakala kuphela ngogearbox oyi-6 speed oshintshwayo. Kuphelile konke lokho ngoba zombili izimoto zinozishintshayo oyi-8 speed DCT. Uma uthanda uyazishintshela wena kumapedal shifters ngemuva kwesiteringi futhi ishintsha ngokushesha.
Kanti i-i30 N isuka ku-0 ihlale ku-100km/h ngemizuzwana ewu-5.4 kanti ijubane elikhulu limiswe ku-250 km/h. Ngakolunye uhlangothi iKona N kuyithatha ewu-5.5.
Zidonsa ngamasondo angaphambili futhi zineLimited slip differential eyenza ukuthi zinamathele emakhoneni. Kunamadrive mode ahlukene umshayeli akhetha kuwo njengenormal, sport nosport+ futhi uma uthanda uyakwazi ukuyisetha wena ukuthi ufuna isuspension ithambe noma iqine, isiteringi sisinde noma sibe lula, indlela eduma ngayo nokunye.
Sibe nebhadi ngesikhathi yethulwa ngoba izulu lana sangakwazi ukuzishaya ngokukhululeka eKillarney Raceway, eKapa. Nokho isiteringi sinesisindo esikahle futhi uyayizwa iya lapho oyikhomba khona. wEmgwaqeni ovulekile uyabuzwa ubunjalo bayo ngoba zombili zinamasondo awu-19-inch kodwa anciphisa isisindo sazo futhi ayisibaca.
Ishintshile indlela ebukeka ngayo i-i30 N ngaphandle kubhampa, ngaphambil, nangemuva. Amalambu anamaLED daytime light amise oku-V otshekile ngaphambili nangemuva.
Zombili zibukeka kahle futhi ungakhetha imibala egqamile ukuze ubuhle bazo buhlale obala ngoba ezothile buyayifihla. Zinemihlanu okubalwa nowekhethelo oluhlaza, obizwa ngoPerformance Blue.
Izinqawe ngemuva aziwona umhlobiso ngoba iduma kuzwakale.
Ngaphakathi zicishe zifane ngoba zinetouchscreen infotainment system enkulu okwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto. IKona N inesunroof encane kuthi kwi-i30 N igcwale ukhakhayi. IKona N iphinde ibe neHead-Up Display nezihlalo zesikhumba kanti kwi-i30 N ziyisikhumba nesuede. Zikubamba thaqa unganyakazi. Ukuvuleka ngaphakathi kuyafana neKona ejwayelekile.
Kwezokuphepha zine-Electronic Stability Control, ziyakusiza ukuhlala emzileni, ziyasho uma kunemoto eseceleni, ziyabhreka uma zizoshayisa ngaphambili, nokunye. IKona N ine-adaptive cruise control bese kuthi i-i30 N kube yicruise control ejwayelekile.
Okungichaza ngazo ukuthi awengezi lutho zifika ziphelele azifani nezimoto zakwezinye izinkampani. KwaHyundai bathi uma bedayise ezingu-200 kuya ku-250 ngonyaka bayojabula ngoba vele ayitholakali kuwona wonke amagaraji ayo kodwa kunawekhethelo futhi KwaZulu-Natal, mane kuphela.
Intengo:
Zombili zibiza u-R749 900
Intengo ihlanganisa iwarranty yeminyake eyisikhombisa noma u-200 000km, iroadside assistance yeminyaka eyisikhombisa noma u-150 000km neservice plan yeminyaka emihlanu noma u-75 000km