KUZOBA matasatasa kulo nyaka ezinkampanini zezimoto eNingizimu Afrika njengoba zizokwethula izimoto ezintsha.
Ngonyaka odlule kusongwe unyaka kudayise izimoto ezintsha ezingu-528 963, ngokweNational Association of Automobile Manufacturers of South Africa.
Ukuqhubeka nokunyusa izibalo, izinkampani eziningi ziza nezimoto ezintsha.
IRenault kulindeleke ukuthi ivule unyaka ngeCaptur entsha ebe nokubambezeleka ukuthi ifike ngodlule. Ezinye ezezothula yiveni i-Oroch, Koleos, Duster, Megane R.S.300 Ultimé ne-Arkana.
IHyundai izokwethula iPalisade entsha. IToyota izobuyisa iCrown kule kota yokuqala yonyaka.
KwaBMW bazoqala ukudayisa iM2 ne-IX ezibonakale okokuqala kwelengabade embukisweni iM Fest, eKyalami Grand Prix Circuit nyakenye.
ISuzuki Auto South Africa kulindeleke ukuthi ibe matasa ngezimoto okukhona kuzo iJimny enezicabha ezinhlanu neSUV entsha esuselwe kwiBaleno iFronx neGrand Vitara.
KwaVolkswagen bazoqala ukudayisa iGolf 8 R osekunesikhathi kukhulunywa ngayo. Neveni i-Amarok nayo izoqala ukudayisa.
KwaFord bazokwethula ingalabesi yeveni iRanger Raptor.
Sisekumaveni, iJac iza nelayo iT9 Hunter.