ZIMENYEZELIWE izimoto ezizodlana imilala kowamanqamu omncintiswano i-2023 South African Car of the Year (COTY) ohlelwa yiSouth African Guild of Mobility Journalists (SAGMJ).
Lo mncintiswano usuneminyaka ukhona njengoba waqala ngo-1986.
Izimoto ezizobanga isicoco zingu-21 futhi zihlukaniswe ngeminxa.
Iminxa ngowe Compact Family, Midsize, Premium, Adventure SUV, 4X4 Double Cab, Luxury, Performance neNew Energy.
USihlalo wekomiti labahleli uMabuyane Mabuza uthe lezi yizimoto eziphambili ezikhona kuleli futhi usekubheke ngabomvu ukubona ukuthi yiyiphi ezodla umhlanganiso.
“Umzuliswano owandulela owamanqamu ubushubile futhi izimoto eziningi zisale kancane ngaphandle. Ezikowamanqamu kulo nyaka zihlanganisa ingxubevange yezinkampani nokwenza umncintiswano uhehe.”
Kulo mncintiswano kujaja izintatheli ezikhethekile zezimoto zakumaziko ehlukene okukhona kuzo nombhali walolu daba.
Ukujaja kokuqina kulindeleke ukuthi kuqale maduze kuze kube wuMashi ngaphambi kokuthi ezidle umhlanganiso zimenyezelwe ngoJuni.
Kuzophinde kube nomunxa weMotor Enthusiast's Choice ovotelwa ngabantu nozomenyezelwa ezinkundleni zokuxhumana. Abathathu abavotile bazozibeka ethubeni lokuwina ukuyofunda ukushayela obhuqwini nokuzoxhaswa yi-Old Mutual Insure neSAGMJ.
Ezikowamanqamu yilezi:
Compact
Renault Clio 5
Compact Family
BAIC Beijing X55
Nissan Qashqai
Opel Mokka
VW Taigo
Midsize
Alfa Romeo Tonale
Chery Tiggo Pro 8
Honda Civic RS
Hyundai Tucson
Kia Sportage
Premium
Jeep Grand Cherokee L
Kia Sorento
Adventure SUV
Ford Everest
Double Cab
Ford Ranger
Isuzu D-Max
Luxury
Mercedes Benz S-Class
Performance
Audi RS3 Sedan / Hatch
New Energy
Audi e-tron GT/RS e-tron GT
Haval H6 Hybrid
Toyota RAV4 E-four
Volvo XC40 P8 Recharge