UMA usemakethe yemoto futhi ufuna ebiza ngaphansi kukaR50 000 ungazi ukuthi uzokwenze njani, kumele ungakhathazeki ngoba zikhona.
Isikhulu sakwa-AutoTrader uGeorge Mienie, sithe ngokocwaningo lwabo ziningi izimoto ezibiza ngaphansi kwale mali ngisho neMercedes-Benz E-Class.
Uthe amakhasimende kumele enze ucwaningo kuqala ngaphambi kokuthenga.
“Kubalulekile ukubheka zonke izinto. Senze uhla oluveza ukuthi yiziphi izimoto ezitholakala ngayiphi imali. Siphinde senza okungaphezulu ngokuthi sibheke nokuthi yiluphi uhlobo ongaluthola.”
Uthe lokhu kungajika umqondo wekhasimende ngoba mhlawumbe kungenzeka ukuthi lifuna imoto encane kodwa libone ukuthi iSUV ingaba wumqondo omuhle.
Uthe ucwaningo lwenziwe ezimotweni ezikleliswe kwi-AutoTrader ngo-Okthoba futhi luveza iminyaka, ibanga imoto elihambile nentengo.
IMercedes-Benz E-Class ibiza uR40 381, yabhaliswa ngo-1996 kanti isihambe u-246 253km.
Uhla lumi kanje:
Ama-hatchback angaphansi kukaR50k*
Volkswagen Citi R42 985 - 2004 (unyaka)
Tata Indica R39 571 - 2010
Opel/Chevrolet Corsa Lite R41 384 - 2006
Ama-sedan angaphansi kukaR50k *
Mercedes-Benz C-Class R40 510 - 2000
BMW 3 Series R31 378 - 1999
Mercedes-Benz E-Class R40 381 - 1996
AmaSUV angaphansi kukaR50k*
Cherry Tiggo R36 267 155 - 2009
Fiat Panda R31 400 - 2007
Nissan X-Trail R49 900 - 2005
Ama-single cab angaphansi kukaR50k*
Nissan 1400 R47 475 - 1999
Fiat Strada R45 900 - 2010
Ford Ranchero R49 990 - 1997
Ama-double cab angaphansi kukaR50k*
Isuzu KB R44 900 - 1995
Ama-coupe angaphansi kukaR50k*
Mercedes-Benz CLK R45 400 - 2000
Audi TT R44 900 - 2001
Lancia Flavia R49 900 - 1968