IMOTO: ISUZU D-MAX 3.0 Ddi EXTENDED CAB LSE 4X4
KUKHETHA ukhethi kubathengi bama-Isuzu D-Max ngoba kunezinhlobo ezingaphezu kuka-20, ezisemakethe.
Enye yazo yi-Extended Cab, kanti sekunezinhlobo eziyisithupha zayo ngoba phambilini bezizine. Okuyiyo engumakhonya kuwo yiD-Max Ddi 3.0 LSE 4x4.
I-Extended Cab ngiyibona ifanele labo abangazifuni izihlalo ezinhlanu ezivamise ukutholakala kumaDouble Cab. Phela inezihlalo zabagibeli ababili kodwa ngemuva kunesikhala sokubeka impahla esikhulu. Kulula nokufinyelela kuso ngoba uyakwazi ukuvula izicabha zangemuva kodwa uvula ezangaphambili kuqala. Ngikholwa wukuthi amawindi kumele uwadime nokho ukuze izinswelaboya zingaboni ukuthi uphetheni ezingaze ziyihalele bese zishaya iwindi. Kulesi sikhala ungazihlalisa izingane kodwa ngibone amabhande engekho mhlawumbe kukhomba ukuthi isikhala asakhelwe abantu.
Umshayeli nomgibeli bahlala kahle ngoba bayakwazi ukuhlela izihlalo. Isiteringi uyasihlela naso ukuthi sime ngendlela ofisa ngayo.
Okunye ongichaza ngayo wukuthi inezindawo eziningi zokubeka izinto njengasezicabheni nangaphambili kwidashboard. Isiteringi sinamabhathini okuvula umsakazo, icruise control nokushintsha okuvela kwi-instrument cluster. Inetouchscreen infotainment system enkulu. Ayinayo inkombandlela kodwa akuyona inkinga ngoba uyakwazi ukuxhuma iselula nge-Apple car play ngaphandle kwentambo. Uma uthanda uyixhuma ngentambo kodwa okubi wukuthi imbobo iyodwa yokushaja nge-USB, kumele nishintshane nohamba naye.
Okunye engikuthanda ngengaphakathi layo, yindlela asebewunciphise ngayo umsindo wangaphandle. Nokuduma kwayo akuzweli kakhulu.
Injini engu-3.0 litha turbo kadizili inamandla angu-140kW netorque engu-450Nm. Phambilini amandla abengu-130kW netorque engu-380Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-6 speed ozishintshayo. Amandla akhona futhi nokubambezeleka ngaphambi kokungena ejubaneni akukukhulu kakhulu. Ugearbox ushintsha ngesikhathi esifanele.
Isikhathi esiningi ngisichithe ngizulazula edolobheni ngayo futhi kudizili ibidla amalitha angu-11 ngo-100km. Emgwaqweni ithuthukile indlela ezwela ngayo emabhampini kepha akuyona into ekhalisayo.
Phela abakwa-Isuzu bachithe isikhathi beyivivinya ukuze imelane nemigwaqo yalapha eNingizimu Afrika. Uma uphuma emgwaqweni ungena obhuqwini akuyona inkinga. Iphakeme futhi ifika namasondo angamaGrabber AT3 18 inch. Uyishintsha ngenkinobho ukuthi idonse ngawo womane amasondo kwazise ine-4 high no-4 low. Inebhathini lediff lock kanjalo nehill descent control.
Ezinye izinto enazo zihlanganisa amalambu angamaLED ngemuva nangaphambili, ikhamera eveza ingemuva uma uhlehla, amasensor ngaphambili nangemuva, tow bar, sports bar, useyili esikhenkeni nokunye.
Intengo:
3.0 Ddi Extended Cab 4x4 LSE A/T- R 670,300.00
Ifika neservice plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km newarranty neroadside assistance yeminyaka emihlanu noma u120 000km.