IMOTO: HONDA BR-V
UCILO uzishaye endukwini ngithola ithuba lokuvivinya iHonda BR-V entsha. Vele bengidinga imoto enkulu yokuhamba nomndeni kwazise besigubuzelwe yifu elimnyama.
Le moto ilayisha abagibeli abayisikhombisa, okuyisikhala ebengisidinga njengoba besibaningi nje.
I-BR-V ekhona yinhlobo yesibili efike usuyosongwa unyaka odlule. Eyokuqala eyethulwa ngo-2016 ibizishaya saMulti Purpose Vehicle (MPV) kanti entsha bayibona njengeSport Utility Vehicle (SUV).
Lokhu kusho ukuthi ayincintisani nezimoto ezifana neRenault Triber, Suzuki Ertiga, Mitsubishi Xpander neToyota Rumion. Empeleni uma ubheka intengo yalezi zimoto ishibhile kuneBR-V ngoba iTriber iqala ku-R203 999, i-Ertiga kuR258 900, iXpander kuR339 995 kuthi uRumion iqale kuR265 800.
I-BR-V yona iqala kuR379, 900 futhi imbangi yayo eseduze yiHyundai Grand Creta yona iqala kuR477 900.
I-BR-V ihlukene ngezinhlobo ezine futhi esihamba ngayo yiyo ephezulu, i-Elegance. Ishaya ngombala omuhle u-Opal White.
InamaLED daytime running lights nama-headlamps futhi nangemuva amalambu ngamaLED. Amarimu angu-17 inch bese iba nama-roof rails aphelelisa ukubukeka kwayo njengeSUV njengoba negabade ilishiye ngo-207mm.
Bayenze yaba yinde ngo-35mm futhi ububanzi banyuswa ngo-45mm nokwandisa isikhala ngaphakathi njengoba iwheelbase ingu- 2700mm.
Isikhala ebhuthini sikhonyana njengoba singu-244l kodwa uyakwazi ukulalisa izihlalo ukusandisa. Yinto esiyenzile silalisa esisodwa ngoba besiyisithupha sanela kahle nempahla.
Izihlalo lezi ziyisikhumba. Ngaphambili uthola i-screen se-infotainment system esingu-7 inch. Uxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto futhi siveza nekhamera ngemuva uma uhlehla. Inkinga yami ngaso wukuthi bekungaba kuhle uma singathi ukutshekela kancane ngakumshayeli ukuze asibone kahle, ikakhulukazi uma evule inkombandlela.
Amawindi ngaphakathi asebenza ngegesi, inezindawo zokushaja nge-USB ezimbili ngaphambili nezindawo zomoya we-aircon nangemuva.
Ngaphakathi nizizwa niphephile ngoba kuningi enakho ukuqinisekisa ukuphepha.
Kubalwa ukuthi iyasho uma uzoshayisa ngaphambili, adaptive cruise control, iyakusiza ukuhlala emzileni, iyabhreka ukuze ingahlehli uma usuka endaweni enyukelayo, inama-airbags nokunye.
Injini ehamba ngayo ingu-1.5 litre kaphethroli enamandla angu-89kW ne-torque engu-145Nm. I-gearbox ingumshini ozishintshayo iCVT.
Uyizwa kahle uma unyuka intaba isimemeza sakuklinyeka, ingashintshi amagiya namandla uzwa ukuthi awamaningi. Uma uzihambela nje edolobheni ungajahe ndawo kayinankinga. Noma ujika emakhoneni ushesha, iyakukhumbuza ukuthi yimoto enkulu. Kuphethroli bathi idla amalitha angu-6.3 ngo-100km kodwa kimi ibidla angu-8.0.
Intengo:
1.5L Elegance CVT: R459. 900
Ifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000km, i-service plan yeminyaka emine noma u-60 000km ne-roadside assistance yakwa-AA yeminyaka emithathu.