EMINYAKENI ewu-18 edlule ngo-Okthoba 29, inhlangano eqwashisa nefundisa abantu ngesifo sohlangothi, iWorld Stroke Organization yaqala umkhankaso waminyaka yonke wokuqwashisa ngobungozi balesi sifo.
Uphiko lwezempilo oluzimele i-Affinity Health seludalule ukuthi ukubhema ugwayi nokuphuza utshwala ngokweqile, ngezinye zezinto ezingabeka umuntu engcupheni yokuphathwa yilesi sifo.
Siyini isifo sohlangothi?
Yisifo esikuhaqa uma ukugijima kwegazi liya engxenyeni yobuchopho kunqamuka noma kuhamba kancane kunendlela efanele. Kwenzeka futhi uma ungawutholi umoya owanele, noma umzimba wakho ungenazo izakhi zomzimba ezidingekayo, okwenza umqondo ungasebenzi ngendlela efanele. Kuqala kancane, kuze kufike lapho izinhlayiya zobuchopho ziqala ukuphelelwa ngamandla, zize zife. Lesi sifo siyingozi ngokuthi siyabulala, futhi singaholela nasekutheni umuntu agcine esekhubazekile, angakwazi ukuhamba.
Zihlukene kabili izinhlobo zalesi sifo. Kukhona i-ischemic ne-hermorrhagic stroke.
– I-Ischemic Stroke: Lokhu kwenzeka uma igazi lima noma ligijimele engxenyeni ethile yobuchopho, noma uma igazi lingasagijimi ngendlela efanele ezingxenyeni zobuchopho.
– I-Hermorrhagic Stroke: Lokhu kwenzeka uma imithambo yegazi ivuza noma iqhuma, okwenza wophe ebuchosheni.
“Ama-chemical atholakala kugwayi anjenge-nicotine ne-carbon monoxide, andisa ukushisa emithanjeni yegazi okuholela kwi-atherosclerosis, isimo lapho igazi lingasakwazi ukugijima ngendlela efanele, okungenza uphathwe yi-ischemic stroke. Ucwaningo lwe-American Heart Association luveza ukuthi ukubhema kwenyusa amathuba okuphathwa yisifo sohlangothi ngo-25% kuya ku-30%,” kuxwayisa uMnuz Murray Hewlett, isikhulu esiphezulu se-Affinity Health.
Ukuphuza ngokweqile kungaholela emfuthweni ophezulu wegazi, ukukhuluphala nokushaya kwenhliziyo ngendlela engajwayelekile, okugcina kuholela esifweni sohlangothi.
Ucwaningo lwe-Center for Disease Control and Prevention, lwaveza ukuthi ukuphuza kuwukushaya isiphuzo esisodwa ngosuku kumuntu wesifazane, neziphuzo ezimbili ngosuku kowesilisa. Nakhona lapho futhi, kuya ngokuthi uphuza nje, usesimweni esinjani ngokwempilo, uneminyaka emingaki njalonjalo. Ukuphuza ngokweqile yilapho uphuza khona iziphuzo ezingaphezu kuka-14 ngeviki, okuyikhona okukubeka engozini yokuphathwa yilesi sifo. Ucwaningo lwe-Journal Stroke luveza ukuthi ukuphuza ngokweqile kunyusa amathuba okuphathwa yisifo sohlangothi ngo-56%.
I-World Health Organization yaveza ukuthi ukubhenywa kogwayi kuholela ku-12% wabantu ababulawe yisifo sohlangothi emhlabeni wonke.
I-Affinity Health icebise ngokuthi ukuyeka ukubhema ugwayi, ukunciphisa nokuzikalela otshwaleni nokuhlale uzivocacoca, kungasiza ngokunciphisa amathuba okuphathwa yisifo sohlangothi, futhi kwenze uphile isikhathi eside.