BAHLUKENE phakathi abantu bakuleli ngohlelo lwempilo yomndeni wakwaBala, iThe Bala Family ngesenzo sikabhuti omdala uZwai Bala.
Engxoxweni yezelamani zakwaBala, uPhelo ongumagcino, uveze ukuthi usefuna ukuzimela, asebenze yedwa, aphume eqenjini lomndeni iBala Brothers neBala 4 okukhona kuyo udadewabo.
Ngokwale nkulumo kaPhelo, uZwai ube esemkhumbuza ukuthi ngo-2009 wambhalela i-e-mail emtshela ngemigomo nemibandela yokusebenza ndawonye. Ubeseyikhipha leyo ncwadi wabafundela bonke ukuze bakhumbule ukuthi yayithini ingqikithi yayo. Ube esemfundela incwadi ethi amathuba awatholile kwezamabhizinisi nakwezinye izinto ezithinta umsebenzi nokuzithuthukisa ukuthole ngokusebenzisa isibongo sakwaBala. Le ncwadi ithi lesi sibongo sisetshenzwe iminyaka ukuze sigqame kube yinto edumile emhlabeni.
Uthe esebuza uPhelo ukuthi manje uzokwenzenjani, uzosebenzisa igama lakhe kuphela, uthole impendulo ethi angazibiza nganoma yini kodwa angalifaki elithi Bala, emisebenzini ayenzayo.
Incwadi kaZwai iveza ukuthi uma uPhelo ehluleka ukulandela le miyalelo uzothathelwa izinyathelo zomthetho.
Abantu banikele ezinkundleni zokuxhumana beveza imibono yabo ngalokhu.
@Zino1102: Abantu bafuna ukuqhubeka nokuzuza ngezithukuthuku zabanye. UZwai wenze kahle. Kukhulunywa ngebhizinisi lapha, lona leli bhizinisi uPhelo angasafuni ukuba yingxenye yalo. Zolo lokhu ubefuna izaphulelo esebenzisa igama lakwaBala.
@Luvuyo72591244: ULoyiso inyoka kanti umkakhe umdonsa ngekhala. UPhelo uyingane eyinkinga, uJane uhlukanisa phakathi umndeni, uZwai Bala kumele awulwele umndeni wakubo nesibongo sakhe. Angazi ukuthi ngingathini ngoPinky kodwa ngiyamthanda.
@Dexigner2: ULoyiso yisona sizathu esenza bangazwani. Ushayela phansi kodwa akalungile. Le ndoda ine-toxic key ephansi kakhulu. Ngiyayiqonda indlela enza ngayo uZwai lapho uZwai eqhamuka khona. Uma uPhelo efuna ukuzihambela yedwa kumele akhohlwe yinkampani yakwaBala.
@Les_vonTaurean: Hhawu, uZwai ungenye inhlobo! UPhelo akavunyelwe ukusebenzisa igama elithi Bala uma engeyona ingxenye yeqembu. Ngabe wenza lokhu ngoba uPhelo engazalwa wuyise? Uze umsabisa ngokumthathela izinyathelo zomthetho umfowabo pho!
@benge_cutie: Ngeke ningenze ngikholwe wukuthi uZwai noPinkie banezinhloso ezinhle. Amaqhinga abo mabi kakhulu. Bangakuvusela izinto ezenzeka eminyakeni kudala kodwa babuye bathi sekwadlula lokho. Bayingozi laba bobabili.