KUSOLWA umbango webhizinisi lotshwala ngokubulawa kwabathathu okukhona kubona nowayeyilungu loMkhonto weSizwe (MK) Party, okusolwa kukho inyanga engumastende futhi ebolekisa ngemali eMayville, eThekwini.
Umsolwa wokuqala uMnuz Sphamandla Vulindlela Hlongwane (41), ubhekene namacala awu-11, okungamathathu okubulala oMnuz Titus Khethana Sosibo, Khanyisani Ndlovu noMxolisi Zungu (owayeyilungu le-MK), awokuhlela itulo lokubulala, ukubamba inkunzi kusetshenziswa indlakadla nokutholwa nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
NgoLwesihlanu, eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, uHlongwane ufake isicelo sebheyili. Ukwenze lokhu nasolwa nabo oMnuz Ngcebo Treasure Luthuli (33) noThokozani Emmanuel Luthuli.
Kuthuke amalungu e-MK, abekade egcwele enkantolo ezokweseka imindeni yabagilwa ezwa kufundwa ubufakazi obushaqisayo bomphenyi wecala, uSergeant Masande Majikijela obufundwe wumshushisi uMnuz ZT Nzama.
Kuthiwa ngoFebhuwari 29 nonyaka, ngabo-5 ekuseni eCato Crest, eMayville, uSosibo owayengunogada wayehamba emgwaqweni nozakwabo beya emsebenzini kanti uzodutshulwa abulawe kwathathwa iselula yakhe, uzakwabo wasindiswa ukubaleka.
“USosibo noHlongwane babenamashibhi ayekade ebhekene eCato Crest. Ibhizinisi likamufi laliletha amakhasimende amaningi, lokho okungazange kuhlale kahle kuHlongwane. Waqala watshela amakhasimende kamufi ukuthi angayi ukuyothenga utshwala khona,” kusho uNzama.
Emva kwalokho, kubikwa ukuthi uHlongwane wasongela ngokufa uSosibo ethumela omunye wabantu abazoba ofakazi enkantolo. UMbuso uthi uSosibo wabulawa ngoba kwakubangwa indaba yeshibhi.
“UHlongwane wakhipha nesibhamu okwabulawa ngaso uSosibo esimeshayo nezinhlamvu ezatholakala endaweni yesigameko. Wakhomba nendawo yesigameko futhi wabhala phansi ukuvuma kwakhe icala,” kusho uNzama.
UMbuso uthi ngoMashi 23, ngabo-8 ebusuku kwadutshulwa uNdlovu washona ebulawa uHlongwane noNgcebo emijondolo yaseCato Crest. Kuthiwa wabulawelwa endlini kaHlongwane kwatholakala amagobolonde ezinhlamvu awu-13.
UMbuso uthi uHlongwane noNdlovu babekade bazana futhi imizi yabo ingaqhelelene kakhulu.
“Inkosikazi kaSosibo yahlangana nomuntu wesilisa engamazi owamkhombisa isithombe sikaHlongwane esasikuselula ayeyiphethe. Lo muntu wesilisa owayekade engaziwa, wayehamba ebuza ngoHlongwane. Kwase kuthi unkosikazi kaSosibo wahamba wabikela uSosibo ukuthi uhlangane nale ndoda,” kusho uNzama.
Umshushisi uqhube wathi uHlongwane wayekholelwa ukuthi uNdlovu wayekade akha itulo lokumbulala wase ethatha isinqumo sokuthi agadle kuqala.
Kuthiwa abasolwa babonwa ofakazi bebulala uNdlovu abaqeda bamsesha izimpahla ayezigqokile bathatha isikhwama semali neselula yakhe. Kuvela ukuthi uHlongwane waphinde wayosongela abantu abambona egila le migilingwane, omunye wabo okwakuyisiqashi sakhe.
UNzama uthe umbiko womphumela wokuhlolwa kwesibhamu esatholakala kuHlongwane uveze ukuthi sasetshenziswa nangesikhathi kubulawa uZungu.
Kuvele ukuthi uZungu owayeyilungu le-MK, wabulawa ngabo ngoJuni 5, ngabo-9:30 ekuseni, ehamba nenkosikazi yakhe bebuya ukuhambisa ingane yabo enkulisa. Kuthiwa wadutshulwa ekhanda nasemzimbeni kwatholakala amagobolondo esibhamu amahlanu endaweni yesigameko.
UMbuso uthi unofakazi owabona kudutshulwa uZungu owaphucwa isibhamu sakhe esisemthethweni.
Kuvele nokuthi uNdlovu wayengumngani osondelene kakhulu noZungu.
“Okutholwe umseshi ophenyweni lakhe ukuthi uZungu wayebulawelwa ukuthi uHlongwane noNgcebo babekholelwa ukuthi uzophindisela ngokufa kukamngani wakhe futhi ayekade esebenza naye uNdlovu,” kulandisa uNzama.
Kubikwa ukuthi uThokozani wakhonjwa omunye wofakazi emaphoyiseni ngokuthi wayekhona kubulawa uZungu owabhala nesitatimende evuma icala.
UHlongwane waboshwa ngoSepthemba, 27 wuphiko lwamaphoyisa iNational Intervention Unit (NIU).
Kuthiwa watholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni. Lesi sibhamu kuthiwa isona okwabulawa ngaso abafi. UThokozani kuthiwa naye waboshwa ngosuku olufanayo.
Umshushisi uthe abanganikwa ibheyili abasolwa ngoba bayingozi emphakathini futhi bangenza amanye amacala kwazise bagila le migilingwane phambi kwabantu.
Uveze neyokubulawa kwabantu abathathu esikhathini esiyizinyanga ezine kusetshenziswa izibhamu, wathi ayikho imibandela yebheyli engavimbela ukuthi abasolwa bangenzi amanye amacala. Uthe abasolwa bangalibalekela icala ngoba bayazi lihamba nezigweboo ezingodilikajele futhi bazosabisa ofakazi bashabalalise ubufakazi.
Enkantolo abasolwa bebebukeka bezikhululekele, babuye bazisule ubuso bahlome amakhanda phansi njengoba bethe bamsulwa bona.
Bathe badindwa ngenduku amaphoyisa mhlazane beboshwa futhi bavunyiswa amacala abangawenzanga, bebhecwa.
Baveze nokuthi babekade bebazi abafi, bengakaze baxabane nabo futhi ababulawanga yibona ngakho uMbuso ubadidanisa nokuyibona babulali. Bonke abasolwa bathe bayizinsika emakhaya abo, ziyalamba izingane zabo njengoba beboshiwe, amabhizinisi abo amile. UHlongwane uthe uyinyanga, umastende, ubolekisa ngemali futhi ungusomabhizinisi othola u-R20 000 ngenyanga.
Icala lihlehliselwe uNovemba 4.